
Ziyanda ‘izinhlanhla’ ku-Omar Artan ovinjwe kweyoMhlaba
Ngemuva kokuvinjelwa ukungena e-United States lapho bekulindeleke ukuthi ayosebenza khona kwiNdebe yoMhlaba, unompempe waseSomalia u-Omar Artan usethole amanye amathuba amakhulu.
U-Artan useqokwe ngokusemthethweni ukuthi aphathe umdlalo wokugcina weKuwait Zain Premier League ngoJuni 29.
Lokhu kulandela isimemo esikhethekile esivela kwiKuwait Football Association.
Lo mdlalo kulindeleke ukuthi uqinisekise iKuwait Club njengompetha besizini ka-2025/26, okusho ukuthi uzobe ephethe omunye wemidlalo emikhulu kuleliya lizwe.
Ukuqokwa kwakhe kuza ngesikhathi izinhlangano zebhola ziqhubeka nokumeseka ngemuva kokuba enqatshelwe ukungena e-US.
Kodwa izindaba ezimnandi azigcini lapho. Kubikwa ukuthi u-Omar Artan uqokelwe nokuphatha umdlalo weUefa Super Cup ozodlalelwa eSalzburg, e-Austria, ngo-Agasti 12.
Lokhu kuyinkomba ecacile yokuthi igama lakhe liyaqhubeka nokukhula emhlabeni wonke naphezu kwezinselelo abhekane nazo muva nje.
Okunye okujabulisayo ukuthi kulindeleke ukuthi iFifa imkhokhele ngokugcwele imali abezoyithola ngemidlalo yeNdebe yoMhlaba abebezoyiphatha.
Nomengameli waseSomalia kuthiwa umgixabeze ngendlu enamakamero amahlanu njengenkomba yokuzwelana naye.
- FUNDA NALA | OweSiwelele nesexwayiso kowa kwiPirates
Okwakubonakala njengeshwa elikhulu emsebenzini wakhe manje sekuphenduke isibusiso esikhulu.
Kwabaningi, lokhu kuwubufakazi bokuthi abadala babengagejile uma bethi ukuvaleka komunye umnyango, kuwukuvuleka komunye.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
