
USeema nesexwayiso kumdlali omusha wePirates
Umqeqeshi weSiwelele FC u-Lehlohonolo Seema usexwayise uBohlale Ngwato ngokuthi impilo izoshintsha kakhulu manje njengoba eseyijoyine i-Orlando Pirates.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala ungomunye wabadlali abane abasha abamenyezelwe yiPirates muva nje.
Imsayine eambisana noGamphani Lungu abebegqame naye kwiSiwelele FC ngesizini edlule.
Yize uSeema ekholelwa kwitahlente likaNgwato, uthi kusenomsebenzi omkhulu okufanele awenze ukuze afinyelele ezingeni eliphezulu.
“Ungumfana onekhono elikhulu,” kusho uSeema onconywa ngokunika lo mfanyana ithuba. Ubekhuluma nabeSoccer Laduma.
“Bengingathanda ukuthi aqhubeke nathi isikhathi eside ngoba kusekuningi okufanele akufunde ukuze aqine.”
Lo mqeqeshi uveze ukuthi uNgwato ungumdlali odinga ukwesekwa, ukunakekelwa nokwelulekwa njalo.
“Ungomunye wabafana okumele bakhombiswe uthando futhi kukhulunywe nabo.
“Mayelana nengcindezi, angazi ukuthi uzobhekana kanjani ngoba kusekuningi okufanele athuthuke kutho.”
Nokho u-Lehlohonolo Seema uchaze lo mdlali omusha we-Orlando Pirates njengomfana oziphethe kahle futhi othanda ukufunda.
“Uyafuna ukufunda futhi uyalalela. Lokho kuyinto enhle kakhulu ngaye,” kuqhuba uSeema.
“Uyakwazi ukwamukela iziyalezo futhi azisebenzise ngaphandle kokuxhukula.”
UNgwato kulindeleke ukuthi abe ngomunye wabadlali abazovala isikhala uma uRelebohile Mofokeng eshiya kwiPirates njengoba kulindelekile.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
