EzintshaKaizer Chiefs

Ukhale ngokubanjwa ngophondo oweChiefs bencishwa igoli

Lamaqembu ashayane aze abukana – wena owabona amaqude amadala – kulo mdlalo weBetway Premiership obuseMbombela Stadium ngeSonto ntambama.

Nokho esiwombeni sokuqala iKaizer Chiefs ilishayile igoli ngonyawo lukaFlavio Da Silva, kodwa umsizi kanompempe waliphika.

Uthe lo mgadli ubesesendaweni engamfanele ngesikhathi ethola ibhola, kodwa kubukeke sengathi lesi sinqumo asishayanga khona.

Amakhosi aphinde ancishwa nephenathi yize nakhona kubukeke uKhulumani Ndamane emqumbe phambi umdlali waMakhosi. 

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uBen Youssef ukhale ngalezi zinqumo ukuthi zibacindezelile, zabancisha ithuba lamaphuzu amathathu. 

“Ngicabanga ukuthi kube umdlalo omuhle kodwa ngeshwa asikwazanga ukuwunqoba,” kusho uBen Youssef.

“Besifanelwe okungcono kulo mdlalo. Ngokwami ukubona, silishayile igoli kodwa laohikwa kungafanele. 

“Bekumele sibekelwe nephenathi. Kodwa ke kunjalo ebholeni. Uma ungalishayi igoli awunqobi. 

“Siwakhile amathuba futhi bekumele ngabe sikwazile ukuthola igoli bese sinqoba lo mdlalo.”

ITS Galaxy iqede lo mdlalo ingasaphelele njengoba uNhlanhla Mgaga ekhishwe ngekhadi elibomvu ngasekupheleni komdlalo. 

Lo mphumela ukhuphulele iKaizer Chiefs endaweni yesine kwilogi, okuyindawo ezoya ekhefini ikuyo.