
I-Orlando Pirates ishaye isikhala ngebimfuna kwiGalaxy
Sekuvele ukuthi i-Orlando Pirates ike yaya kwiTS Galaxy iyofuna umdlali ezovala ngaye isikhala sikaMbekezeli Mbokazi njengoba eshiya nje.
UMbokazi uzojoyina iChicago Fire yase-US ngoJanuwari ngemuva kweCaf Africa Cup of Nations (Afcon) njengoba esesayine kuyo.
Lokhu kushiye i-Orlando Pirates inesikhala emuva kanti seyiqalile ukufuna umdlali ezovala ngaye isikhala oongeni lwayo lwasemuva.
Emizamweni yayo iLisenethini seyithole ukuthi seyike yaya kwiGalaxy iyobuza ngokutholakala kukaKhulumani Ndamane.
Lo mdlali – njengoMbokazi – naye uyinxele futhi usemncane ngokweminyaka kanti ukhombisa ukuba nethalente elihle.
IPirates ivele inabo abadlali ebathenge kwiGalaxy ekuqaleni kwale sizini okungoLebone Seema noLehlohonolo Sebelebele.
USeema udlala emuva kanti ubesakhe ubudlelwano obuhle noMbokazi njengoba bebedlala bobabili emuva maphakathi nenkundla.
Nokho ke akuyihambelanga kahle kulokhu njengoba ifike yachithwa ngoNdamane kodwa hhayi ngoba iGalaxy ingafuni ukumdayisa.
“Ishaye isikhala kulokhu. Ifike yathola ukuthi uNdamane uvele usedayisiwe, usehleli kwiGalaxy ngokubolekiswa.
“Phela uNdamane usayinwe yiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuqala kwesizini, kodwa yabe seyimbolekisa le sizini,” kusho umthombo.
Ngemuva kokushaya isikhala ngoNdamane, ibe seyidlulela eThekwini la ihlonze khona omunye umdlali wasemuva osemncane.
Ngesonto elidlule kuvele ukuthi i-Orlando Pirates seyike yakhuluma neDurban City ngokudayiselwa uMfanafuthi Mkhize.
FUNDA NALA | UBaloyi ufuna iChiefs izoshe izinholi zayo
Bekungakacaci ke nokho ukuthi ifuna ukumsayina ngoJanuwari ngoma imfunela ukuphela kwesizini.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
