
Elase-Angola lishiye kumapeketwane ePitoli ligila iDowns
IMamelodi Sundowns ishaqise abalandeli bayo ngokubhula amazolo kwiCaf Champions League ngemuva kokubanjwa ngo 1-1 yiWiliete SC yase-Angola eLoftus Stadium ngoLwesihlanu ebusuku.
AmaBrazilian, angompetha bale ndebe, asephumile kulo mqhudelwano ngenxa yomthetho wamagoli asekuhambeni ngemuva kokuthi imidlalo yomibili iphele kungu 1-1.
Lokhu kusho ukuthi iSundowns ngeke idlale esigabeni samaqoqo ngesizini kule sizini, futhi kuphele nomlando wayo wokufinyelela kulesi sigaba minyaka yonke kusukela ngo-2016.
Leli qembu laseChloorkop lihambe phambili ngegoli likaTashreeq Matthews ngomzuzu ka-11.
ISundowns iye ekhefini ihamba phambili ngo 1-0, inethemba lokuthi izoqeda umsebenzi ekhaya.
Kodwa ukaputeni weWiliete uMabululu, ushaye igoli leWiliete ekuqaleni kwesiwombe sesibili, kwashintsha isimo somdlalo.
ISundowns izamile ukuthola igoli lesibili kodwa yehluleka, kwathi iWiliete yathola ithuba lokugubha ukudlulela esigabeni esilandelayo.
- FUNDA NALA | Kubhimbile kwiChiefs ibhula amazlo kwiConfed Cup
Ukungabibikho kukakaputeni uRonwen Williams, obelimele, noTeboho Mokoena, ophume ngohlaka ngemuva kokulimala emlenzeni wokuqala, kube ezinye zezingqinamba iSundowns ebhekane nazo.
- EZISHISAYO!|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
