EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs ichaza ngokungadlali kukaLeaner ngemuva kwempi noFrosler

Ukungabibikho kuka-Renaldo Leaner eqenjini leKaizer Chiefs elibhekene neRed Arrows emdlalweni weCaf Confederation Cup sekuqubule imibuzo kubalandeli.

Lokhu ikakhulukazi ngemuva kwengxabano yakhe noReeve Frosler eyasabalala ezinkundleni zokuxhumana.

ULeaner akekho eqenjini elibhekene neRed Arrows emlenzeni wesibili eMoses Mabhida Stadium, nokuholele ekutheni kube nokuqagela ngezizathu zokungadlali kwakhe.

Lokhu kuza ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokubonakala kwakhe exabana noFrosler kulandela ukuhlulwa kweChiefs ngo 1-0 eZambia emlenzeni wokuqala.

Nokho, iChiefs isisheshe yacacisa ukuthi lo nozinti ulimale ejimini ngoLwesine, okumenze wangakwazi ukuba yingxenye yeqembu kulo mdlalo obalulekile.

“Amakhosi uzodlala ngaphandle kuka-Renaldo Leaner, othole ukulimala ngesikhathi kulungiselelwa lo mdlalo obalulekile izolo,” kusho isitatimende seChiefs.

Esikhundleni sakhe, uBruce Bvuma uqale emapalini, kanti uBrandon Petersen usebhentshini ngemuva kokululama ekulimaleni.

Kukhona nezindaba ezinhle njengoba uLebohang Maboe naye ebuyile futhi eyingxenye yabadlali abasebhentshini.

IChiefs idinga ukunqoba ukuze ikwazi ukudlulela esigabeni samaqoqo ngemuva kokuhlulwa emlenzeni wokuqala.