EzintshaKaizer Chiefs

Ingazisola iSundowns ngoSirino? UMngqithi uyaphendula

  • Sibongiseni GUMBI

Inkontileka kaSirino kwiSundowns iphele ngesizini edlule, futhi iqembu alizange liyivuselele. 

Lo mdlali wase-Uruguay ubeyilungu elibalulekile leqembu iminyaka eyisithupha futhi eyintandokazi yabalandeli. 

Usejoyine iKaizer Chiefs lapho kulindeleke ukuthi abambe elikhulu iqhaza ekwakhiweni kwayo kabusha.

“Uma ngikhuluma iqiniso, uGaston ngiyamthanda futhi  kakhulu, kodwa empilweni kumele sikuvumele ukuthi kuqhutshekelwe phambili,” kusho uMngqithi exoxa noRobert Marawa ngoMsombuluko. 

“Uma ubheka abadlali esibasayinisile manje sizama ukuqhubekela phambili, kukhona noSiyabonga Mabena okumele abe ngumdlali oqavile eqenjini lethu… 

“UThapelo Maseko naye uzoba ngumdlali oqavile eqenjini lethu. SinoKutlwano Lehlaku, naye owenza kahle kakhulu. Bese siba noLesiba Nku naye owenza kahle. SinoKobamelo Kodisang, sinoLucas Ribeiro abadlala ezimpikweni.”

UMngqithi uvumile ukuthi ukudedela uSirino kungase kugcine kube wukuzihlinzela ezibini kwiSundowns uma abadlali abasha bengawenzi ngendlela elindelekile umsebenzi. 

“Ngicabanga ukuthi abadlali esibasayinisile yibo abazofakazela ukuthi kube yisinqumo esingalungile yini ukuthi iqembu limdedele noma kube yisinqumo esifanele, kodwa ake silinde sibone.”

Ukuhamba kukaSirino kuphawula isahluko esisha kwiSundowns, efuna ukuveza ithalente elisha eqenjini layo. 

Yisikhathi kuphela esizosho ukuthi lesi sinqumo sizoba nembuyiselo enhle yini kuleli qembu.