EzintshaKaizer Chiefs

Okwenza uBaloyi afune iChiefs ‘ixoshe’ izinhloli zayo

Ngu-Alfred NGUBANE

Uthi abahlwaya ikhono bahlulekile wukuthola abadlali abafanele izinga laMakhosi ngokuletha abadlali abangekho ezingeni ngokwanele.

UBaloyi ukhulume neLisenethini ngesikhathi kunomcimbi weHollywoodbets eGreyville Racecourse eThekwini ngoLwesihlanu. 

Uthe ikilabhu kumele ixoshe izinhloli zayo ezihlonza abadlali bangaphandle, ethi abadlali abalethwe bangaphansi kakhulu kwezinga elidingeka kwiKaizer Chiefs.

Ubalule umdlali wasemuva u-Inacio Miguel nowasophondweni phambili uGloy Makabi Lilepo, wathi abekho nhlono ezingeni elilindelekile eNaturena.

“Bangase babe sezingeni elanele ukudlala kwamanye amaqembu eBetway Premiership, kodwa nakanjani hhayi kwiChiefs,” kusho uBaloyi.

Ugcizelele ukuthi uma iKaizer Chiefs izoletha abadlali abavela ngaphandle kwezwe kumele babe ngabadlali abasezingeni eliphezulu.

“Ukuthi laba badlali bashiywe ngaphandle emaqenjini abo esizwe aya kwi-Africa Cup of Nations kukhombisa ngokusobala ukuthi izinga labo liphansi kakhulu,” kewengeza yena.

UBaloyi uqhathanise abadlali abasayinisiwe njengamanje nezihlabani zakwamanye amazwe ayedlala nazo ngesikhathi esekuMakhosi.

“Ngidlale nabadlali bangaphandle kwiChiefs abafana noTinashe ‘The General’ Nengomashe, Patrick Mabedi, Collins ‘Ntofo-Ntofo’ Mbesuma, Wedson Nyirenda, noMike Maringa…

“Labo bekungabadlali abaphambili ababesezingeni eliphezulu kakhulu futhi bekufanele ukuba kuMakhosi,” kusho le nsizwa eyayingunozinti.

UBaloyi, manje oyinxusa leHollywoodbets, uhambele lo mcimbi ehambisana nompetha webhola uJerry “Legs weThunder” Sikhosana.

Bekukhona nezihlabani zebhola lombhoxo u-Akona no-Odwa Ndungane, kanye nesihlabani samaBhokobhoko u-Eben Etzebeth.