
UPercy Tau ucacisa ngekusasa lakhe kwi-Al Ahly
– Intatheli yeLisenethini
Amaqembu akuleli abezibhekile kuPercy Tau kumele avele akhohlwe ngoba lo mdlali weBafana Bafana uzimisele ngokugugela kwi-Al Ahly.
Ekhuluma nabezindaba ngesikhathi kwethulwa inkundla entsha ye-Al Ahly kuleli sonto, uPercy Tau uthe akukho emicabangweni yakhe ukushiya leli qembu.
Bese kukuningi ukuqagula ngekusasa lalo mdlali okuthiwa inkontileka yakhe ne-Al Ahly iyaphela ekupheleni kwale nyanga.
Maningi ke amaqembu okuthiwa acuthile ukuthi uma kwenzeka ekhululwa kwiRed Devils, agxume ahlale kuye.
Iqembu likaPercy Tau lakudala, iMamelodi Sundowns, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ngamanye amaqembu okuvela ukuthi engakujabulela ukuthola lo mdlali.
Nokho yena useveze isifiso sokuthi ahlale kwi-Al Ahly kuze kushaye isikhathi sokuthi awagaxe emgibeni amakhokho.
“Angicabangi ngisho ukucabanga ngokushiya i-Al Ahly,” kusho lo mdlali weBafana Bafana.
“Konke lokhu okugcwele kwabezindaba ngokushiya kwami kuyizinto nje nami engizizwa khona ezindabeni.
“Mina ngikulungele ukuhlala kwi-Al Ahly, ngisho kungehliswa umholo ngohhafu ikakhulukazi ngoba le kilabhu seyiphenduke ikhaya kimi.
“Ngakho ke, ukucabanga ngokushiya, yinto engakaze yenzeke leyo,” kusho uTau kwi-wtkora.com.
“I-Al Ahly yikilabhu enkulu, iyafana neBarcelona, neMan City noma iReal Madrid.
“Indlela ethandwa ngayo iyamangaza. Ngisho ngihambele amazwe ase-Europe, abantu bayangimisa bafune ukushutha nami.
“Futhi i-Al Ahly seyingene yajula enhliziyeni yami ngakho ngizimisele ukudlala lapha kuze kushaye isikhathi somhlalaphansi.”
OLUNYE UDABA: UMngqithi ubezofana nedada lingena emanzini kwiChiefs
Kuke kwavela nemibiko ethi umqeqeshi we-Al Ahly, uMarcel Kohler usecele abaphathi ukuthi baqinisekise ukuthi uTau uyahlala kuleli qembu.
