EzintshaOrlando Pirates

‘Akuphelile,’ kusho u-Ouaddou eqinisekisa izifiso zePirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usencome abalandeli baseBotswana ngokwamukela kahle iqembu lakhe, balenze lizizwe lisekhaya yize belisekuhambeni.

Lokhu kuze ngemuva kokunqoba ngo 1-0 beshaya i-African Stars yaseNamibia emdlalweni womlenze wokuqala kweyokuhlunga kwiCaf Champions League.

AmaBhakabhaka athole igoli elibalulekile emlenzeni wokuqala womzuliswano wesibili wokuhlungela amaqoqo alo mqhudelwano, obubanjelwe eBotswana National Stadium.

Ngaphambi kokukhuluma ngomdlalo, u-Ouaddou ubonge abalandeli abebehambele lo mdlalo.

“Ngifuna ukubonga abalandeli bethu baseBotswana. Samukelwe kahle kakhulu ngabantu bakule ndawo,” kusho yena.

Uveze ukuthi wagcina ukudlala kule nkundla ngo-2006 esengumdlali, wathi amandla abalandeli abawanikeze iqembu abemangalisa.

Mayelana nomdlalo, u-Ouaddou uthe abadlali bakhe benze kahle, balandela uhlelo ababelulungiselele. Ubonge nabahlaziyi bakhe ngokubanika ulwazi oluhle ngezimbangi.

U-Abdeslam Ouaddou phinde wancoma udonga lwasemuva kwe-Orlando Pirates ngokungangenelwa yigoli.

Uthe ushintsho abalwenzile esiwombeni sesibili lusize uTshepang Moremi ukuthi ashaye igoli lokunqoba sekusele imizuzu engu-15.

Nokho, uxwayise ngokuthi umsebenzi awukapheli futhi wathi ayikho eyokuthi sebefake unyawo okukodwa emzuliswaneni wamaqoqo.

“Asikwazi ukusho ukuthi sesinonyawo olulodwa esigabeni samaqoqo ngoba sisalelwe omunye umdlalo. 

“Kumele sizilungiselele kahle ukuze siqinisekise ukudlulela esigabeni samaqoqo,” kusho u-Ouaddou.

Uthi iqembu lizophumula bese lilungiselela umdlalo womlenze wesibili ngenhloso yokunqoba futhi.