
UKekana uveza okungaxazulula ekaMaseko neDowns
UHlompho Kekana, obengukaputeni weMamelodi Sundowns isikhathi eside, usephawule ngesimo esingesihle esivezwe ngomunye wabadlali baleli qembu.
Ngempelasonto, uThapelo Maseko ungene kwi-Instagram wabalisa ngosizi abhekene nalo lokuzithswa kwiSundowns yize ezimisela futhi ezinikela ejimini.
Lokhu kubalisa kwakhe kuvuse umunyu nozwelo kwabanye ngaye, kanti uKekana naye useveze owakhe umbono ngalesi simo avumayo ukuthi asisesihle.
“Uma usubona umdlali eseveza ukukhathazeka kwakhe ezinkundleni zokuxhumana, lokho kukutshela ukuthi akasafuni ukuba kulelo qembu,” kusho uKekana kwiSoccerzone ngoMsombuluko.
“Kungaba kuhle ukuthi yena neqembu bahlale phansi bathole isisombululo mhlawumbe bavumelane ngokuthi baxhawulane bese behlukana ngesihle.
“Ngoba uyabona uma umdlali esekulesi simo ngokwengqondo, angiboni ukuthi usuke esangakwazi ukubuye akudlalele kahle ngokuzayo.”
UKekana weluleke ukuba iSundowns iluphathe ngokucophelela lolu daba ngoba luthanda ukuba bucayi impela.
“Ngicabanga ukuthi kumele ikilabhu nomdlali bathole indlela yokukhuluma ngalento,” kuqhuba uKekana owayedume ngezigubhu zamagoli ngesikhathi esadlala.
“Kwesinye isikhathi uma ungumdlali uzwa amahlebezi okuthi uyafuneka kwelinye iqembu. “Kulapho udinga ukuya ekilabhini ufike usho ukuthi nakhu kuvela abathi bazonginika lokhu nalokhu, bese niyisombulula kahle.
“Akumele umdlali avele aphumele obala athi leliya qembu laphesheya liyangifuna. Kumele aqonde ukuthi usenenkontileka futhi kukhona elisakubheke kuye.”
FUNDA NALA | ISPURS ISHWABULA NGOKUDLIWA KWAMANDLA AYO
UMaseko naye bekuke kwanemibiko ethi ufunwa yiqembu laseCyprus kodwa kuze kube manje akukho okubambekayo ngalokho.
Namanje sekuvele ukuthi angase abolekiswe kule sizini, kanti iqembu likaRulani Mokwena iMC Alger yase-Algeria.
