
ISpurs ishwabula ‘ngokudlelwa amandla’
ICape Town Spurs seyigcine iphawulile ngesinqumo sesigungu sePSL esixazulula izingxabano, iDispute Resolution Chamber.
Lesi sinqumo simayelana nodaba lomdlali u-Asanele Velebayi. ISpurs beyifake icala ngoba ifuna ukunxeshezelwa uma esayina kwelinye iqembu.
Nokho lesi sigungu sithole ukuthi akasenayo inkontileka naleli qembu, ngakho alifanelwe ukukhokhelwa ngaye.
Lesi sinqumo sivulele iKaizer Chiefs intuba yokusayina lo mdlali kwazise kudala imhalela kodwa ivinjwa yimali ebifunwa yiSpurs.
Esitatimendeni esikhiphe ngoMsombuluko ebusuku, iSpurs ishwabule kakhulu, ikhala ngokuthi lesi sinqumo sivula indlela yokuthi kudliwe amandla ezinkulisa mahhala.
Ithe lesi sinqumo sizoba nomthelela omubi ezikhungweni ezicija amakhono abadlali abasebancane.
Ngokusho kweSpurs, ukukhulisa nokuponononga ikhono lomdlali omncane kudla imali elinganiselwa ku-R8 million eminyakeni eyishumi.
Le mali ngeyezindleko zokukhokhela abaqeqeshi, indawo yokuhlala neyokujima, imfundo, ukuhambela imidlalo nenhlalakahle nje yomdlali iyonke.
Nokho isikhungo esikhulise umdlali sinxeshezelwa ngemali iSpurs ethi ingaphansi kuka-5% wezindleko esisuke singene kuzo.
ISpurs ithi ukuze zikwazi nokuqhubeka nomsebenzi wokuthuthukisa amakhono, izikhungo kumele zithole imali ngabadlali esezibalungiselele izinga elikhokhelayo.
“Yize lokhu kubukeka kuwukunqoba futhi kuyinkululeko yomdlali, kuyishwa elikhulu ngoba kunqinda ikilabhu ekutheni ikwazi ukukhulisa abanye abadlali.
“Lesi sinqumo singase siphazamise izinhlelo zesikhathi eside zokuthuthukiswa kwabadlali abasebancane,” kusho iSpurs esitatimendeni.
Isikhulu esiphezulu sale kilabhu, u-Alexi Efstathiou sengeze ngokuthi akumele kubhekwe isigaba iqembu elidlala kuso uma kukhulunywa ngesinxephezelo.
“Siyamazi ukuthi lo mdlali ufanelwe yimalini. Unenkontileka nekilabhu yethu, futhi lokho kumele kuhlonishwe kungakhathalekile ukuthi sidlala kusiphi isigaba.”
FUNDA NALA | UNKOTA USOLA U-OUADDOU WEPIRATES
Uveze nokuthi basaxoxisana nabammeli babo ngokuthi bangaludlulisela kanjani phambili lolu daba.
Nokho cishe basazolinda kuphume isinqumo ngodaba lukaLuke Baartman noLiam Bern, nabo abasesimweni esifanayo nabekuso uVelebayi.
