EzintshaKaizer Chiefs

Injabulo koweChiefs kubuya abebelimele nabebemisiwe

Amakhosi avule ngegiya eliphezulu kwiBetway Premiership ngesikhathi eshaya iStellenbosch FC ngo 2-0 emdlalweni wawo wokuqala kule sizini. 

Omunye walaba badlali ababuyayo nguPaseka Mako osayinwe ngoJuni esuka kwi-Orlando Pirates kodwa wafike walimala ejimini. 

Omunye osanda kusayina, u-Ethan Chisslett naye ubengekho ngenxa yokubambezeleka kwamaphepha amvumela ukusebenza kuleli. 

Kodwa uma iChiefs seyibhekene nePolokwane City bazobe sebekhona laba badlali, noPule Mmodi obemisiwe emdlalweni odlule.

Lokhu kuqinisekiswe uCedric Kaze oyiphini lomqeqeshi nokunguye obambe izintambo njengoba uNasreddine Nabi engekho kulezi zinsuku. 

“Into enhle wukuthi asibanga nabo abadlali abalimalayo noma abamiswayo emdlalweni odlule,” kusho uKaze. 

“Sizobe sesinabanye abadlali abebengekho ngenxa yezimo ezehlukene. UMmodi ubuyile ngemuva kokumiswa.

“U-Ethan naye useyatholakala ukuthi adlale njengoba inkinga yakhe yamaphepha isilungisiwe nje.

“NoMako naye useyatholakala ukuthi angaqokwa eqenjini eliqala umdlalo ngemuva kokuthi odokotea bethe uselungile ukuthi engadlala.

“Ngicabanga ukuthi sisesimweni esihle kakhulu ngaphambi kwalo mdlalo wakusasa (ngoLwesithathu),” kuchaza uKaze. 

IChiefs izobhekana nePolokwane City emdlalweni wayo wokuqala wasekhaya eFNB Stadium ngoLwesithathu – umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku. 

“Umdlalo wethu wokuqala ekhaya, phambi kwabalandeli bethu futhi siyazi lapho ebesishoda khona ngesizini edlule.

“Siyazi ukuthi besihluleka ukubamba umgqigqo. Yingakho umdlalo wakusasa ubalulekile. 

“Sizimisele – wonke umuntu – abadlali, ithimba labaqeqeshi nabaphathi. Siyakwazi ukubaluleka kwalo mdlalo.”