Ezintsha

OweCity ucacisa ‘ngokunyamalala’ kukaWitbooi

Umqeqeshi weCape Town City FC, u-Andries Ulderink, usechaze ngokungabonakali eqenjini lakhe kuka-Emile Witbooi emidlalweni yakamuva.

Lo mdlali osemncane ungomunye wamathalente athembisayo ebholeni laseNingizimu Afrika.

Akazange adlale ngesikhathi iCape Town City ishaya iThe Bees ngo-3-1 ngoLwesibili, nangesikhathi ishaya iGomora United ngo-3-2 kwiMotsepe Foundation Championship ngoLwesihlanu.

UWitbooi ubeyingxenye yeqembu lesizwe lika-Under 20, Amajita eyahlula iMozambique kowamanqamu kwiCosafa Under 20 Championship ka-2026. 

Lokhu kunqoba kwenze iNingizimu Afrika yazibekisela indawo kwiCaf Under 20 Africa Cup of Nations ka-2027, ezosingathwa yiGhana.

Lo mdlali oneminyaka engu-18 ubudala ugqame kakhulu kulo mqhudelwano, waze wakhethwa njengomdlali ovelele ngesikhathi iNingizimu Afrika ishaya iMozambique ngo-2-1.

Nokho, kuvela ukuthi u-Emile Witbooi ubeye kulo mqhudelwano evele elimele, kanti ukulimala kwakhe kube kubi kakhulu.

Ekhuluma ngemuva komdlalo neGomora United, u-Ulderink uthe lo mdlali ubuye ekhempini yeqembu lesizwe eselimele kakhulu.

“Ubuye elimele ngesikhathi sekhefu lemidlalo yamazwe ngamazwe,”kuchaza lo mqeqeshi waseNetherlands. 

“Waya eMozambique evele enezinkinga zokulimala. Udlale imidlalo embalwa enalokhu kulimala, kwase kuba kubi kakhulu. Manje usalulama.”