EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

Imiphumela yezaseSoweto: Pirates = kuhle, Chiefs = kubi!

I-Orlando Pirates isithathe igxathu elikhulu elibheke esigabeni samaqoqo kwiCaf Champions League, kodwa i-Kaizer Chiefs ibhekene nomqansa ngemuva kokuhlulwa kwiCaf Confederation Cup.

IPirates inqobe ngo 1-0 ibhekene nompetha baseNamibia, i-African Stars, eBotswana National Stadium eGaborone ngoMgqibelo ntambama.

UTshepang Moremi ube yiqhawe leZimnyama eshaya igoli elinqobise leli qembu ngomzuzu ka-75. 

IPirates ikwazile ukubambelela naphezu kwengcindezi ye-African Stars ngasekupheleni komdlalo.

Akubanga lula kwiChiefs eZambia, lapho iRed Arrows ishaye khona igoli sekusele isikhathi esincane, yanqoba ngo 1-0. 

U-Alassane Diarra ushaye igoli elinikeze i-Arrows ithuba lokulwela indawo esigabeni samaqoqo ngomzuzu ka-85.

Imidlalo yomlenze wesibili izodlalwa ngoLwesihlanu lomhla ka23 kuMfumfu eSoweto.

IPirates izokwamukela i-African Stars e-Orlando Amstel Arena, inethemba lokuqinisekisa ukudlulela kumaqoqo.

IChiefs yona izodlala eFNB Stadium, lapho izodinga khona ukuguqula umphumela ukuze ingakhishwa kulo mqhudelwano.

I-Orlando Pirates isisondele ekungeneni kwesamaqoqo, kodwa i-Kaizer Chiefs yona ibhekene nomqansa onzima endleleni yayo.