EzintshaKaizer Chiefs

U-Obrigado ubheke izinkumbulo ezinhle eZambia neChiefs

Isihlabani esisakhula se-Kaizer Chiefs, u-Mfundo Vilakazi, sesithumele umyalezo ocacile ngaphambi komdlalo wabo ne-Red Arrows yaseZambia.

Lamaqembu azoqhuthana amakhizane emdlalweni womlenze wokuqala esigabeni sesibili sokuhlunga kwiCaf Confederation Cup.

UVilakazi, owaziwa ngelika-Obrigado, uthi akukho okunye okufunekayo ngaphandle kokunqoba kulo mdlalo.

Lo mdlalo uzoba se-Levy Mwanawasa Stadium eNdola ngoMgqibelo ntambama kanti uzoqala ngo-3 ntambama.

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo obalulekile, lo mdlali olinxele futhi onekhono elimangalisayo ukubeke kwacaca abakubhekile.

Uthi Amakhosi akulungele kahle ukulwela umphumela omuhle nakuba isimo sezulu sixaka ngenxa yokushisa kakhulu kwaseZambia.

“Ukuzilolonga kuhambe kahle. Kushisa kakhulu lapha kodwa sizobhekana nakho. 

“Ngicabanga ukuthi sizimisele ngomdlalo wakusasa,” kusho uVilakazi.

Inkundla yaseLevy Mwanawasa inezinkumbulo ezinhle kulo mdlali osemncane. 

U-Mfundo Vilakazi wadlala kuyo le nkundla ngesizini edlule ngesikhathi i-Kaizer Chiefs inqoba umdlalo wesigaba samaqoqo ebhekene neZesco United.

Uthi lowo ngumphumela azimisele okuwuphinda uma sebebhekene neRed Arrows.

“Sigcina ukudlala lapha sanqoba, ngakho ngicabanga ukuthi kumele senze okufanayo nakulokhu,” kusho uVilakazi.

Noma kunjalo, uVilakazi uyazi akumele bayithathe kancane iRed Arrows kwazise sebeke bayibuyekeza bayibona ubungozi bayo.

“Sibabonile abanye babo ngesikhathi sibuyekeza amavidiyo abo… 

“Bayiqembu elihle kakhulu futhi ngeke sibathathe kancane,” kuphetha uVilakazi.