UMngqithi ubezofana nedada lingena emanzini kwiChiefs
– Alfred Ngubane
Inkakha yebhola lakuleli, uNjinga Mathebula, iyafunga ukuthi iKaizer Chiefs bekuyobe yehlelwe isibusiso uma iqasha uManqoba Mgqithi.
IKaizer Chiefs njengamanje kulindeleke imemezele umqeqeshi wayo omusha kanti igama likaManqoba Mngqithi like lavela kwawalabo ebheka kubo.
Ihlukene ke imibono ngokuthi uMngqithi engalunga yini kulo msebenzi onzima wekaizer Chiefs.
UMathebula, owayedlala kwi-African Wanderers, uthi lo mqeqeshi nguyena obezobuyisa izinsuku zenjabulo kuMakhosi.
“Abaqeqeshi bangaphandle kubathatha isikhathi ukuqonda kabanzi usiko-mpilo lwabadlali bakuleli namaqembu,” kusho uMathebula.
Ubenengxoxo ekhethekile neLisenethini kuleli sonto, la simphose khona imibuzo ngamaqembu ehlukene.
“Uma ngabe iKaizer Chiefs iqasha umqeqeshi wangaphandle, kuzomele afunde abadlali kuqala kanti kungenzeka nolimi lwakhe uthole ukuthi abalizwa kahle.
“Kodwa kusezandleni zabaphathi bayo iChiefs ukuthi ngubani abamfunayo bona,” kuphetha uMathebula.
Kumanje iKaizer Chiefs ithule ayiphumeli obala ngomqeqeshi omusha njengoba amalungiselelo esizini entsha eseqalile.
OLUNYE UDABA: Uvaleleke ekhoneni u-Itu Khune ngokubeka amakhokho ethala
Kodwa kuyavela ukuthi uNasreddine Nabi nguyena ohamba phambili ekuthatheni lo msebenzi.