
UMdaka ubalula indlela ababuyise ngayo obedlala kwiZambia
Umqeqeshi weqembu laseNingizimu Afrika lika-Under-20, u-Raymond Mdaka, useveze izinyathelo ezathathwa yiSafa ukuze uMilimo Nalumango akwazi ukudlala kuMajita.
Lo mdlali wasemuva, odlalela i-Orlando Pirates, uke wamela iZambia ezingeni lika-Under 17 nelika-Under-20.
UNalumango uke waba sezinhlelweni zokuthuthukisa ikhono zeSuperSport United neDFI Bad Aibling yaseGermany.
Nakuba abazali bakhe bengabaseZambia, uNalumango wazalelwa futhi wakhulela eNingizimu Afrika, okwenza afaneleke ukumela uMzansi.
Ngemuva kokuthola ukuthi lo mdlali angakwazi ukushintsha ubuzwe bezemidlalo, iSafa yathintana neFIFA ukuze ilandele zonke izinqubo ezidingekayo.
UMdaka uthi abazange bafune ukwenza izinto ngokushesha ngaphandle kokulandela imigomo.
“Esakwenza, ukuze singazitholi sisenkingeni wukuthi ngesikhathi umfana efika futhi ekhombisa intshisekelo, nabazali bakhe bekhombisa intshisekelo, sanquma ukwenza izinto ngendlela efanele.
“Saya ehhovisi sachaza ukuthi kunalesi simo sase sixhumana neFIFA,” kusho yena.
“Basitshela izinqubo okufanele sizilandele. Saxhumana neZambia kwaze kwaba sekugcineni bavuma ukumkhulula ukuze adlalele iNingizimu Afrika.”
U-Raymond Mdaka uthi okumangazile ukuthi uNalumango ubesevele enobudlelwano obuhle nabanye abadlali kuMajita.
“Ngamangala. Ngosuku afika ngalo ejimini ngangicabanga ukuthi mhlawumbe kuzoba nzima ngoba uke wadlalela iZambia.
“Kodwa ngamangala ngobudlelwano ayenabo nabanye abadlali,” kuchaza yena.
Uthi uNalumango ubesevele ebazi kahle iningi labadlali.
- FUNDA NALA | Okungenza uDa Cruz asayine abanye kwiChiefs
Amajita azodlala kwiCOSAFA Championship eMozambique, lapho ekuGroup B neLesotho, Angola ne-Eswatini. Umdlalo wokuqala uzoba neLesotho ngoMgqibelo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
