Bafana BafanaEzintsha

UHugo Broos uvuma inkinga enkule ebhekene neBafana

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos usezwakalise ukukhathazeka ngokuthithiza kweqembu kakhe phambi kwamapali.

Lokhu kungemuva kokwenza kabi kwabagadli emidlalweni yabo yobungani emibili nePanama muva nje.

Yakhe amathuba amaningi kuyo yomibili imidlalo kodwa yahluleka ukushaya amagoli.

Idlale ngokulingana ngo 1-1 eMoses Mabhida Stadium ngaphambi kokuthi ihlulwe ngo 2-1 eCape Town Stadium.

ULyle Foster usolwe kakhulu ngemuva kokuhlulwa amathuba amaningi alula, egqamisa ubuthuntu beBafana phambi kwepali.

“Yebo, lokhu kuyinto okufanele sisebenze ngayo… ihlobene nokuzethemba,” kuvuma uHugo Broos.

“Uma unamathuba amaningi kodwa ungawashayi amagoli, kuba nzima kakhulu. 

“Sibe namathuba acishe abe yishumi kodwa sathola amagoli amabili kuphela — akwanale lokho.”

Njengoba iNdebe yoMhlaba isondela ngokushesha, u-ugo Broos uvumile ubucayi bale nkinga yamagoli nokudingeka kwesixazululo esisheshayo.

“Ngeke siye eNdebeni yoMhlaba ngaleli zinga. Kufanele kube nokunye,” kuvuma yena.

Lo mqeqeshi uphinde waveza ukuthi kungase kube nezinguquko eqenjini lakhe leNdebe yoMhlaba.

Abadlali abafana no-Iqraam Rayners kungenzeka bangene embangweni ngaphambi kokuthi kuqokwe iqembu lokugcina.

URayners uphinde wakhombisa ubukhali bakhe ngesikhathi eshaya igoli iMamelodi Sundowns ibhaxabula iChippa United ngo 4-1 ngoLwesihlanu. 

Kuvele bekunesikhalo ngokushiywa kwalo mgadli onamava futhi osefomini enhle.