EzintshaOrlando Pirates

UModise nesixwayiso esinqala kubadlali abasakhula

Owayengumdlali weMamelodi Sundowns futhi owawina iCAF Champions League, uTeko ‘The General’ Modise, usexwayise abadlali bePSL.

UModise ufuna abadlali bagxile ekwenzeni kahle ebholeni kunokujaha udumo ezinkundleni zokuxhumana, izimoto zikanokusho nempilo yokukhazikhazi.

Ekhuluma kwi-The Car Wash Podcast, lo mdlali wakudala weBafana Bafana uthe akuwona wonke umdlali ozoba yisihlabani.

“Akubona bonke abadlali abazoba yizihlabani,” kusho uModise osengumhlaziyi kwiSuperSport TV. 

“Ukuthi uyavela ezindabeni akusho ukuthi usuphumelele.

“Zingaki nje izihlabani eziye emaqenjini amakhulu zinodumo olukhulu kodwa zagcina zingenzanga lutho, zashiya zingenamali?”

UModise uthi abadlali banamuhla kumele bayeke ukuchomelana ngengcebo nezimoto.

“Yekani ukuqhudelana ngemali, yekani ukuqhathanisa izimoto,” kuqhuba yena. 

“Ngifuna abadlali bebhola baqale bancintisane enkundleni — ngaphakathi kwemigqa emine — bayeke ukuncintisana ngezimoto namantombazane.”

U-Teko Modise uthi abadlali kumele bazibekele inselelo yokuba ngcono kunoThemba ‘Mshishi’ Zwane.

“Chomelanani ngokuthi ubani ongaba ngcono kunoMshishi, bese niyokukhombisana lokho enkundleni. 

“Yilokho okubalulekile, yingakho abalandeli beza ezinkundleni,” kuchaza yena.

UModise uphinde wabala uRelebohile Mofokeng, uJabu Mahlangu noSteve Lekoelea njengabadlali ababedonsa abalandeli ezinkundleni.

Uthe imali umuntu ayiholayo ayisho ukuthi nguyena onethonya elikhulu.

“Kungenzeka ukuthi bekukhona umuntu owayehola ngaphezu kukaJabu Mahlangu, kodwa kunguyena owayenza abantu bathenge amathikithi,” kusho uModise.

Umyalezo ka-Teko Modise kubadlali abasebancane ucacile: makukhulume ibhola kuqala, udumo lube ngemuva.