
UJurgens nesethembiso kwiPirates abayoyihlasela e-Orlando
U-Kyle Jurgens uthi iDurban City isivele ikushiye ngemuva okwenzeke eBurundi futhi isigxile kwi-Orlando Pirates.
Lo mdlali wasesiswini ushaye igoli ngesikhathi iCity ivakashele iRukinzo eBurundi kwiCAF Confederation Cup.
Kodwa uthi manje sekumele bagxile emdlalweni weBetway Premiership nePirates e-Orlando Amstel Arena ngoLwesine.
IDurban City ishaye iRukinzo ngo-1-0 ekhaya, yanqoba ngo-2-0 ekuhambeni, yadlulela emzuliswaneni olandelayo.
“Siwubheke ngabomvu lo mdlalo. Ungomunye obalulekile kithina,” kusho uJurgens.
Uthi isikhathi sokululama sibe sincane ngenxa yemidlalo elandelana eduze.
“Bekuyisikhathi esimatasa, ngakho ukululama bekubalulekile,” kuqhuba yena.
“Akukho isikhathi esiningi sokuhlala ucabanga ngomphumela odlule ngoba kumele uqhubekele phambili.”
U-Kyle Jurgens uthi imiphumela yakamuva inikeze iqembu ukuzethemba, kodwa uyazi ukuthi i-Orlando Pirates izoba yinselelo ehlukile.
“Yonke imidlalo iyinselelo entsha. Kumele siqhubeke sigxile futhi sisebenzelane omunye nomunye,” kuhquba yena.
Ngegoli lakhe eBurundi uthi okubaluleke kakhulu ukusiza iqembu.
“Ngijabulile ngokushaya igoli, kodwa kimina bekumayelana nokusiza iqembu.”
- FUNDA NALA | UKhanye ushaya amakhala ngoDa Cruz weChiefs
UJurgens uthi bazongena emdlalweni begxile kubo, behlangene futhi bezimisele ukulwa kuze kube sekugcineni.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
