Ezintsha

UKadodia ucacisa eyezinkunzi ezimbili esibayeni esisodwa

IDurban City imangaze abaningi ngesikhathi ibuyisa u-Ernst Middendorp ukuthi azoba ngumqondisi wezouqeqesha.

Kuthe kusabatshazwa lokho, yabe seyiqasha uGavin Hunt ukuthi abe ngumqeqeshi okuthathe amehlo kwazise laba bobabili ngabaqeqeshi abazigqajayo. 

Izingqapheli nabalandeli bakubone lokhu kuwukupheka uthuthuva kwazise laba bobabili abakaze basebenzisane phambilini futhi baziwa ngokuba nolaka nokufuna ukwenza izinto ngendlela yabo.

Nokho uFarouk Kadodia utshele iLisenethini ukuthi ngeke kube khona ukungqubuzana phakathi kukaMiddendorp noHunt.

“UMiddendorp unolwazi olunzulu ngeDurban City njengoba ngisebenzile naye ngaphambilini ngesikhathi  sisabizwa ngeMaritzburg United,” kusho uKadodia.

Ubekhuluma ngesikhathi leli qembu lethula ubudlelwano balo neSupertech Group – inkampani edayisa izimoto zakwaBMW exhase leli qembu ngezimoto ezintathu. 

“UGavin yena unesipiliyoni sokunqoba iligi amahlandla amane nezindebe ezahlukene emaqenjini afana neSuperSport United, Bidvest Wits.”

UFarouk Kadodia uphinde wacacisa ngekusasa lephini lomqeqeshi uPitso Dladla ukuthi usazohlala, aqhubeke abe yinxenye yethimba likaHunt.

UHunt uthe akazele kwiDurban City ukuzoyisiza ivike izembe, kodwa ufuna ukuyenza iqembu elimqoka kwiBetway Premiership.

“Sizolwela ukuthi iqembu libe sendaweni ehloniphekile kwiBetway Premiership,” kusho uHunt.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO