
ISiwelele icacisa ngendida yesimo sikaSeema noJackson
Usihlalo we-Siwelele FC, uCalvin Le John, useqede ukudideka ngesimo somqeqeshi uLehlohonolo Seema nephini lakhe uWillem Jackson.
ULe John uthi laba laba baqeqeshi abakaxoshwa, kodwa bamisiwe emsebenzini weqembu lokuqala njengoba kusalindwe ukubuyekezwa kokusebenza kwabo.
Lokhu kulandela isitatimende esakhishwa yiSiwelele ngoSeptemba 7 mayelana nezinguquko ethimbeni labaqeqeshi.
Ngemuva kokusabalala kwemibiko yokuthi uSeema noJackson baxoshiwe, uLe John useveze ukuthi lezo zindaba azilona iqiniso.
Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide, uthe i-Siwelele isafuna ukuhlala phansi nalaba baqeqeshi ngaphambi kokuthatha isinqumo sokugcina.
“Izembe alikakhali. Sibamisile abaqeqeshi kusalindwe ukubuyekezwa kokusebenza kwabo,” kusho uLe John.
“Njengabaphathi beqembu, sifuna ukuhlala phansi sikhulume nabaqeqeshi siqonde ukuthi kwenzekani.
“Kumele sinqume ukuthi bangakwazi yini ukusikhipha kulesi simo noma kufanele siqoke abanye abaqeqeshi.”
Uphinde waphikisa umbono wokuthi akukho ukumiswa kwabaqeqeshi ebholeni.
“Okwamanje izembe alikakhali, naphezu kwalokho okucatshangwa ngabantu,” kuqhuba yena.
“Ngiyazi ukuthi abantu bebelokhu bethi akukho into efana nokumiswa ebholeni, kodwa ngeshwa kubona, sibamisile ngempela.”
- FUNDA NALA | UModise uxwayisa abadlali ngesikhubekiso
Isinqumo ngekusasa likaSeema noJackson sizolandela ukubuyekezwa kokusebenza kwabo ngabaphathi be-Siwelele.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
