EzintshaKaizer Chiefs

Ezingezinhle kwiChiefs ngonozinti wokuqala uPetersen 

I-Kaizer Chiefs ibhekene nengwadla ngonozinti wayo osematheni kulezi zinsuku uBrandon Petersen.

Imibiko engakaqinisekiswa yiqembu iveza ukuthi lo nozinti ongukaputeni weqembu ulimale ejimini.

Lokhu kulimala kuthiwa kungase kumhlalise ngaphandle engadlali amasonto amane kuya kwayisithupha.

Lo mbiko uqale ukusabalala ngemuva kokuthi intatheli yezemidlalo uMicky Junior, ilubike ezinkundleni zayo zokuxhumana.

Nokho, i-Kaizer Chiefs ibingakakhiphi isitatimende esisemthethweni esiqinisekisa ukulimala kuka-Brandon Petersen, nokuthi uzohlala isikhathi esingakanani engadlali.

UPetersen, oneminyaka engu-31, ubhekene nokugxekwa okukhulu kule sizini ngenxa yamaphutha adlisela iqembu awenzayo.

Elinye lamaphutha lenzeke ngoMgqibelo ngesikhathi iChiefs ibambana ngo-1-1 nePolokwane City.

Uma ukulimala kwakhe kuqinisekiswa, kungavulela uRenaldo Leaner noma uBruce Bvuma ithuba lokuqala emapalini.

ULeaner wajoyina iChiefs esuka kwiSekhukhune United kule sizini, kodwa usalinde ithuba lakhe lokuqala eqenjini elikhulu.