EzintshaKaizer Chiefs

UKhanye uveza okwenza ashaye amakhala ngoDa Cruz kwiChiefs 

I-Kaizer Chiefs ayikahlulwa kwiBetway Premiership ngemuva kwemidlalo eyisithupha, kodwa u-Junior Khanye akachazekile neze.

Le nkakha yaleli qembu seliveze imibuzo ngendlela umqeqeshi uFernando Da Cruz ahlela ngayo iqembu.

IChiefs ibambane ngo-1-1 nePolokwane City emdlalweni wayo wokugcina weligi ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.

Igoli lokulinganisa libe ngumkhonto ogwaza ekhaya kaBrandon Petersen kanti lenze iChiefs yalahlekelwa amaphuzu amabili.

AmaKhosi asewine imidlalo emithathu, adlala ngokulingana emithathu emidlalweni yokuqala eyisithupha. 

Lokhu kuwenza abe sendaweni yesine kwilogi yeBetway Premiership.

Naphezu kokuqala kahle, uKhanye uthi usenokungabaza ngoDa Cruz, ikakhulukazi ngenxa yendlela lo mqeqeshi ahlela ngayo indlela yokudlala. 

Lo mdlali wakudala weChiefs ugcizelele ukuthi imibono yakhe isuselwa kulokho akubona ebholeni, hhayi kulokho okushiwo yiningi.

“Mina ngingumuntu webhola. Ngibheka izimo zebhola ngeso lomuntu webhola,” kusho yena kwiSoccer Laduma.

“Futhi ngikholelwa ekukhulumeni izinto ngendlela engizibona ngayo ekuhlaziyeni kwami, ngaphandle kokuthonywa yilokho okushiwo yiningi. 

“Angihlaziyi ngenhloso yokuhlasela umuntu noma iqembu elithile. 

“Ngiveza imibono yami ngokusekelwe kulokho engikubonayo nalokho engicabanga ukuthi kuzokwenzeka.”

U-Junior Khanye ube esephendukela kwindlela uDa Cruz ahlela ngayo indlela i-Kaizer Chiefs edlala ngayo.

“Uma sekufika kwiChiefs, ngisenemibuzo ngokulethwa kwalowo mqeqeshi,” kuqhuba yena. 

“Kimina ungumqeqeshi okhathazeke kakhulu ngokungangenelwa amagoli, yingakho iqembu lakhe ligxila ekuvaleni emuva.

“Ngisho noma kusho ukuthi ufaka abadlali abahlanu emuva, uzokwenza lokho uma ekholelwa ukuthi yisu elifanele lokuthola umphumela awufunayo.”

UKhanye usebenzise umdlalo wePolokwane City njengesibonelo salokhu akushoyo.

“Bheka nje umdlalo wakamuva nePolokwane City,” kuqhuba uKhanye. 

“Iqembu lakhe belivale kakhulu emuva, futhi lacishe labanjwa lingalindele ngoba ngokubona kwami iPolokwane iyona ebidlala ibhola elihlaselayo kakhulu.” 

U-JUnior Khanye uphethe ngokuveza umbono oqinile ngamathuba okuphumelela kukaDa Cruz kwi-Kaizer Chiefs.

“Kimina, lo mqeqeshi akenele. Angicabangi ukuthi kukhona isicoco azosinqobela iKaizer Chiefs,” kuphetha uKhanye.

UDa Cruz uzothola elinye ithuba lokuziphendulela enkundleni uma iChiefs isibhekene neGolden Arrows eMbombela Stadium eNelspruit ngeSonto.

AmaKhosi azobe efuna ukuqhubeka nokungahlulwa kwawo kwiBetway Premiership ukuze aqhubeka nokukhuphuka kwilogi.