
Udokotela weBanyana nokusha ngokulimala kukaSalgado
Umzamo weBanyana Banyana wokuvikela isicoco sayo weCaf Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) uphele ngobuhlungu, izinyembezi nokukhathazeka.
Lokhu kungemuva kokwehlulwa kwayo yiNigeria ngo 2-1 ngoLwesibili ebusuku, emdlalweni owandulela owamanqamu.
IBanyana Banyana ihlulwa nje ibisivele idlala ingakhululekile kulandela ukulimala kanzima komgadli wayo uGabriela Salgado.
Abadlali beBanyana Banyana bebechiphiza izinyembezi ungakapheli umdlalo ngemuva kokulimala kanzima kukaGabriela Salgado okubashiye bekhathazekile.
USalgado, ongomunye wabadlali abamqoka ekuhlaseleni kweBanyana, kudingeke ukuthi aphume esethwelwe ngohlaka ngasekupheleni komdlalo qede waphuthunyiswa esibhedlela.
Umdlalo umiswe isikhashana, abezokwelapha baphuthuma kulo mdlali we-JVW ukuyozama ukudambisa izinhlungu kuye njengoba kukholakala ukuthi uphuke umlenze.
“UGabby ulimale kanzima ngesikhathi somdlalo waphuthunyiswa esibhedlela ngokushesha ngemuva kwesigameko ukuze aqhubeke nokuhlolwa.
“Izinga lokulimala kwakhe asilazi okwamanje,” kusho uDkt Thulani Ngwenya, oyiChief Medical Officer yeSafa.
“Sizohlinzeka ngesibuyekezo esiphelele uma sesinolwazi oluphelele ngokulimala kwakhe.”
Ukulimala kwengeze usizi ngobusuku obebuvele bunzima eqenjini laseNingizimu Afrika.
INigeria ishaye igoli lokuqala ngesikhathi uRasheedat Ajibade evalela phakathi iphenathi engacacile kulandela ibhola elishaye esandleni kuBambanani Mbane.
IBanyana iphendulile ngemuva kwekhefu ngephenathi kaLinda Motlhalo eyibuyisele emdlalweni.
Kodwa inhlekelele yenzeke ngesikhathi esengezwe ngunompempe. Ibhola ebelibhekwe phansi lithathwe uMichelle Alozie wadonsa intambo ende.
Ngandlela thize, leli bhola lidide wonke umuntu lazo layokhalakathela enethini – kwaba wukucima kwezibani kwiBanyana.
Umqeqeshi weBanyana Banyana, uDesiree Ellis, uvumile ukuthi ukulimala kukaGabriela Salgado kuphazamise kakhulu iqembu lakhe.
“Uma ubheka indlela abadlali abebeyiyo, kubukeka kukubi ngempela ukulimala kwakhe.
“Kudingeke ukuthi sizame ukubaduduza, sibenze behlise umoya babuyele emdlalweni. Bekunzima kakhulu,” kusho u-Ellis.
