
UMalesela unethemba lokuthola icebo lokuphoxa iBucs
- Intatheli yeLISENETHINI
UDan Malesela, ongumqeqeshi weMarumo Gallants, useveze ukuthi iqembu lakhe likulungele ukumosha umcimbi e-Orlando Stadium ngoLwesibili ntambama.
IGallants izovakashela i-Orlando Pirates, engakahlulwa kwiligi kuze kube manje, emdlalweni weBetway Premiership ngo-3 ntambama.
UMalesela uyazi ukuthi ukubhekana nePirates kuwumsebenzi omkhulu, futhi uvumile ukuthi iqembu lakhe kuzomele lijule kakhulu ukuze lithole umphumela.
“Ngizozwakala njengomprofethi uma ngingakwenza lokho (ngiqagule umphumela),” kusho uMalesela.
“Uyazi, ake sibone ukuthi sizilungiselela kanjani nokuthi obani abadlali esizobalungiselela iPirates nokuthi hlobo luni lwabadlali esiludingayo.”
Okwenza izinto zibe nzima nakakhulu kuMalesela ukuthi umdlali wakhe oqavile, uMonde Mphambaniso uzobe engekho.
UMphambaniso umisiwe ngemuva kokuqoqa ikhadi lakhe lesine eliphuzi emdlalweni wabo wokugcina futhi uzobe engekho ohlwini lweGallants.
“Ngeshwa asinaye uMpambaniso njengoba esethole ikhadi lesine eliphuzi,” kuqhuba uMalesela.
“Ngakho-ke, sidinga ukubheka esikutholayo mayelana nabadlali. IPirates idlala ngokushesha.
“Ngakho-ke kumele sibone ukuthi yini esingayenza uma sibhekene nePirates futhi sibe nabadlali abazokwazi ukumelana nayo, sikwazi ukunqoba.”
