
Ezijabulisayo kwiChiefs ngoKhanyisa Mayo
Yize ukumenyezelwa kokuthi uKhanyisa Mayo uzodlala kwiKaizer Chiefs kule sizini kususe isasasa kubalandeli, ukubambezeleka kokubuya kwakhe bese kuqala ukuzwela.
Kuvele ngesonto elidlule ukuthi lesi sihlabani esizakhele igama kwiRichards Bay neCape Town City sizojoyina iChiefs.
UKhanyisa Mayo usiswa yiqembu lakhe laseTunisia, iCR Belouizdad kuMakhosi isizini eyodwa kanti isivumelwano sinombandela wokumthenga ngokugcwele.
Kodwa njengoba leli qembu lakhe laseTunisia likubambezelile ukumnika incwandi eyimvume emkhulula ukuya eqenjini lakhe elisha, ukubuya kwakhe kubambezeleke ngesonto lonke.
Ezakamuva nokho zithi ekugcineni useyitholile le ncwadi ebimvimbe ukubuya futhi kumanje usendleleni eya eNaturena.
Kulindeleke ukuthi afike eNingizimu Afrika ebusuku ngoLwesine, noma ngoLwesihlanu ekuseni.
Akungatshazwa ke ukuthi iChiefs ihlabene ngokuthola lo mgadli oseke wadlala nakwiBafana Bafana.
Ikhono likaMayo enkundleni alingatshazwa, kodwa kubukeka kuzomthatha isikhashana ukubuyela emgqigqwni wakhe.
Lokhu kungenxa yokuthi ubengekho eqenjini elibhalisiwe kwiBelouizdad njengoba umqeqeshi uSead Ramovic ethe akekho ezinhelweni zakhe.
Ekhuluma neLIsenethini kuleli sonto, uRamovic uthe ubonile ukuthi uKhanyisa Mayo akekho esimweni esihle eTunisia njengoba ebeshaywa yimpilo yakhona.
Yikho lokhu okwenze aqoke ukuthi anxenxe abaphathi ukuthi bamdedele ayozama kwenye indawo, kanti ukholwa wukuthi ukubuyela ekhaya kuzomsiza kakhulu.
FUNDA NALA |Â OweRwanda ubona uNtwari engcono ngisho kunoWilliams
Kuzomele alisebenzele ke nokho ijezi kwiChiefs ngoba ayifani nale ahambe ngesizini edlule iyiyo – seyijike kakhulu njengoba isayine kahle.
Uzobanga ijezi nabadlali abafana noFlavio Silva, Wandile Duba, Gaston Sirino no-Etiosa Ighodaro kuMakhosi.
