EzintshaOrlando Pirates

USibisi uphawula ngengcindezi yendebe yokuqala engukaputeni

UNkosinathi Sibisi uzohola iPirates okokuqala emdlalweni wamanqamu kusukela eqokwe njengokaputeni ngokugcwele ekuqaleni kwale sizini.

Nguye ozobe ephambili futhi ozoqukula indebe yeMTN8 uma bekwazile ukuhlula iStellenbosch FC emdlalweni wamanqamu ozoba seMbombela Stadium ngoMgqibelo ebusuku. 

UBhodlela uqokelwe kwesokuba ngukaputeni weZimnyama ngaphambi kokuba kuqale le sizini, engena ezicathulweni zika-Innocent Maela owabeke ethala amakhokho ekuphetheleni kwesizini edlule,

Lesi sitobha sijoyine eZimnyama sisuka kwiGolden Arrows ngoJuly ka-2022, kanti kusukela lapho usekwazile ukunqoba izicoco ezinhlanu nePirates.

Kuzo kukhona ezintathu zeMTN 8 kanti kulokhu ubheke ukusinqoba esengukaputeni – okuzoba yinhlandla lesine iPirtaes isidla lesi sicoco uma inqobile. 

“Ngingathi ayikho ingcindezi ekhona, ngicabanga ukuthi kungumgomo wethu njengeqembu hhayi mina ngedwa kuphela, ukulekelela iqembu likwazi ukuphinde livikele le ndebe. 

“Ngibe yingxenye yempumelelo yeqembu ezikhathini ezedlule, sanqoba izindebe ezinhlanu, ukuphinde sinqobe le ndebe neqembu kuyoba ngokukhethekile kakhulu kimi. 

“Ngakho ayikho neze ingcindezi kimi kodwa ingcindezi ekanoma wubani,” kusho uSibisi, ekhuluma nabezindaba kuleli sonto. 

UNkosinathi Sibisi, oqeda kuhlanganisa iminyaka engama-30 emavikini amabili edlule, uphinde waveza nezindaba zokuthi usesimweni esikahle futhi ukulungele ukudlala.

Lokhu kulandela ukuthi ephuthwe imidlalo yakamuva yePirates kulandela ukulimala okumhlalise ngaphandle imidlalo embalwa. 

“Kuyangithokozisa ukubuya ngibe yingxenye yeqembu futhi, siyazi khona kuzoba wumdlalo onzima,” kuqhuba yena.

“Kodwa siwulangazelele ngethemba lokuthi siyoyithola imiphumela, siphokophelele ekwenzeni umlando futhi.” 

Uphinde wancoma kakhulu umsebenzi wesekela lakhe elineminyaka engu-19 ubudala uMbekezeli “TLB” Mbokazi ngokuzinikela ngesikhathi yena engekho.

“Ngimbongela kakhulu noMbokazi ekubeni ngukaputeni weqembu, ngicabanga ukuthi wenze umsebenzi omuhle kakhulu.

“Hhayi kuphela kwiPirates kodwa naseqenjini lesizwe iBafana Bafana, ngithi Halala kuye,” kuphetha uSibisi.

Ngesikhathi uSibisi ebengekho, umqeqeshi wePirates u-Abdeslam Ouaddou ufake uLebone Seema endaweni yakhe. 

Lo mdlali osayinwe esuka kwiTS Galaxy ufike wadlala sengathi kudala afika kwiPirates, wakha ubudlelwano obuqinile noMbokazi emuva. 

Kuzothatha amehlo ukuthi u-Ouaddou uzobuyisela uSibisi endaweni yakhe, noma uzoqhubeka noSeema kulo mdlalo omqoka kangaka.