Bafana BafanaEzintsha

URiveiro kwiBafana? Uvele wacasha ngesithupha

Ukuqonda kukaJose Riveiro indlela abadlali bakuleli abathanda ukudlala ngayo kuhlale obala ngesikhathi seCarling Black Label Cup ngempelasonto.

Abalandeli bakhethe uRiveiro ukuthi aqeqeshe i-All Stars XI ebibhekene nompetha beCarling Knockout Cup, iMagesi FC.

Leli qembu abelicija, nalo beliqokwe ngabalandeli, futhi belinabadlali abasebancane abanolwazi oluncane lokudlala ezingeni eliphezulu.

I-All Stars idlale kahle kakhulu, umdlali ngamunye ebekelwe umsebenzi wakhe ngokucacile futhi enikwe nenkululeko yokuwenza ngendlela abona ifanele. 

Lokhu kuqubule iziphakamiso mayelana nokuthi uRiveiro kungamfanela ukuqeqesha iBafana Bafana eminyakeni ezayo.

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uwuchithile lo mbono okwamanje kodwa washiya umnyango uvuliwe. 

“Ubani owaziyo ukuthi ikusasa liphetheni?” kusho uRiveiro kwabezindaba.

Iqembu likaRiveiro, ebelakhiwe ngabadlali beChiefs, Sundowns, nePirates, linqobe ngo 3-0 kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium. 

Izihlabani zeChiefs uNaledi Hlongwane, oshaye amagoli amabili, noSamkelo Zwane ngelilodwa, yizo eziweze ezikaRiveiro.

Impumelelo kaRiveiro kwiPirates ibe yinhle kusukela efikile kuyo ngoJuni ka-2022. 

Usenqobele le kilabhu izindebe ezinhlanu, futhi lokhu sekudonse ukunakwa okwengeziwe.

Indlela akhulula ngayo abadlali ukuthi badlale ngendlela ebajabulisayo yikho okumenza abonakale enekusasa elihle kuleli.

Ebuzwa ngokuqeqesha iBafana, uRiveiro uvele wahleka kodwa wathi, “Njengamanje, ngigxile kwiPirates. 

“Amaqembu esizwe avame ukuya kubaqeqeshi abanolwazi olunzulu namava, kodwa izinto ziyashintsha emhlabeni jikelele.

“Sekunabaqeqeshi abasebancane abacija amaqembu esizwe,” kuqhuba le nsizwa yaseSpain.

Umqeqeshi weBafana uHugo Broos unenkontileka kuze kube ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2026.

Kungenzeka ke igama likaRiveiro livele uma iSafa seyiqasha umqeqeshi omusha ngemuva kukaBroos. 

Kodwa okwamanje, uRiveiro ugxile kwiPirates futhi uwenza ngookuzimisela umasebenzi wakhe.

“Ngiyakujabulela ukuqeqesha futhi njengamanje ngiyakuthanda engikwenzayo kwiPirates,” usho kanje.