EzintshaKaizer Chiefs

UNtwari engaququdisa kwaWilliams amaqhwa – Amrouche

Uze waphakamisa ukuthi lo nozinti unethalente ngendlela yokuthi uma engaya kwiMamelodi Sunodnws, engafike asunduze noRonwen Williams eqenjini eliqala imidlalo. 

Njengamanje uNtwari, oneminyaka engu-25 ubudala, ungunozinti wesibili kuMakhosi ngemuva kukaBrandon Petersen. 

Kodwa ukudlala kwakhe kahle kwiRwanda emidlalweni yakamuva yokuhlungela iNdebe yoMhlaba kuhlabe umxhwele abaningi, okuhlanganisa no-Adel Amrouche. 

Bebhekene neNigeria e-Uyo, uNtwari uvimbe amabhola ayisikhombisa abenzima, wangelelwa elilodwa. Emdlalweni olandelayo, bebhekene neZimbabwe, akazange angenelwe goli. 

“Umqeqeshi weKaizer Chiefs (uNasreddine Nabi) ungumngani wami omkhulu, ngakho ungisizile.

“Futhi manje ngiyamqonda yena nengcindezi anayo kwiKaizer Chiefs,” kusho u-Amrouche kwiKickOff.com.

“UNabi wenza umsebenzi wakhe, futhi nami ngenza umsebenzi wami. Sisebenza noNtwari ukumqinisa ngokomqondo.

“Kodwa kumele athole isikhathi sokudlala ngoba ungumdlali osezingeni eliphezulu. Kumele anikezwe ithuba.

“Uyabona, ngimnike isikhathi somdlalo — wangenelwa yigoli sibhekene neNigeria ngamyeka waqhubeka nokudlala ukuze aqine. 

“Umsebenzi wonozinti udinga kakhulu ingqondo – u-95% wawo ngowomqondo. Kubonakalile lokho sibhekene neZimbabwe neNigeria. 

“Ngiyamethemba umqeqeshi weKaizer Chiefs nomqeqeshi wonozinti (U-Ilyes Mzoughi),” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka e-Algeria.

U-Amrouche ukholwa ukuthi uNtwari usevele ukufakazele ukuthi angakwazi ukubhekana nengcindezi yokudalla eqenjini elikhulu.

“IChiefs yiqembu elikhulu, futhi kuthatha isikhathi, kodwa ngethemba ukuthi manje usekhombisile kubo bonke abantu ukuthi angaba ngunozinti oqala imidlalo. 

“Mhlawumbe uma kungekhona kwiKaizer Chiefs, mhlawumbe kwiMamelodi Sundowns noma elinye iqembu angaba ngunombolo 1 kulo — futhi kufanele akukholwe naye lokho.”

Nakuba u-Amrouche enesiqiniseko ngezinga likaNtwari, ukukhipha uPetersen esikimini njegamanje kungaba yinto edinga isibindi esinenyongo eceleni kuNabi uma kubhekwa umgqigqo weChiefs. 

UPetersen akakangenelwa goli emidlalweni emihlanu yeBetway Premiership kule sizini, okusize Amakhosi ukuthi angahlulwa kuyo.

Okwamanje, uNtwari kungathenjelwa kuye uma kwenzeka uPetersen elimala noma ethola ikhai elibomvu.