EzintshaMotsepe Foundation Championship

I-Durban City liyithethile icala, kodwa…

Isigungu se-PSL esiqondisa ubugwegwe slichithile icala le-JDR Stars ebisola ngalo i-Durban City.

I-JDR Stars ibifake icala isola i-Durban City ngokudlalisa umdlali ongabhalisiwe ngokusemthethweni. 

Lowo mdlali nguSaziso Magawana. Leli cala libambezele ukuthi iDurban City inikwe indebe ngokunqoba kwayo iMotsepe Foundation Championship.

Icala liqulwe ngoLwesibili. Kodwa umshushisi wePSL, uZola Majavu, ukuqinisekisile ukuthi isigungu asitholanga phutha ekubhalisweni kukaMagawana. 

“Isigungu esiqondisa ubugwegwe silichithile icala kanti izindleko zalo zonke zizokhokhwa yi-JDR Stars,” kusho uMajavu.

Wengeze ngokuthi ukubhaliswa kukaMagawana kusemthethweni futhi akukho phutha elenzeka ngakho.

“Akukho lutho olungalungile ngendlela i-Durban City ebhalise ngayo uMagawana. 

“Futhi njengoba ebhaliswe ngokusemthethweni, alikho iphutha ekumdlaliseni bebhekene ne-JDR Stars.”

Lo mphumela uvula indlela yokuthi i-Durban City iqinisekiswe njengompetha. 

Nokho, kusazofanele iphinde ilinde ukuthi kuphothulwe icala lesibili.

ICape Town Spurs nayo ifake isikhalo ngomdlali ofanayo. Icala layo bekumele liqulwe ngoLwesibili kusihlwa.

Nokho, ukuqulwa kwaleli cala kuhlehlisiwe kulandela ukuthi iSpurs icele ukunikwa isikhathi sokuletha ufakazi wayo.

Icala selizoqulwa ngoLwesithathu la kulindeleke ukuthi liphothulwe khona.

Kuze kube yileso sikhathi, iiDurban City kuzomele ilinde ngaphambi kokuqhubeka nanoma yimiphi imigubho yesicoco eyihlelile.

Umphumela wecala leSpurs ngoLwesithathu unganquma ukuthi kukhona yini okunye ukubambezeleka.

I-Urban Warriors izobe inethemba lokuthi izophumelela lapho i-JDR Stars ihluleke khona ukuze igweme nokudliwa yizembe.

Kodwa okwamanje, iDurban City isalokhu iphezulu, ilinde ukuqinisekiswa ngokusemthethweni njengompetha balesi sigaba.

Wonke amehlo azobe ebheke isinqumo salesi sigungu ngoLwesithathu ukubona ukuthi sizohluka yini kwesangoLwesibili.