Bafana BafanaEzintshaIndebe yoMhlaba

USithole uveza okumsizile ngemuva kwephutha koweMexico

Umdlali wasesiswini seBafana Bafana, u-Siphephelo Sithole usephawule ngokwamsiza adlulise iphutha elenzeka bebhekene ne-Mexico.

Uthi ukwesekwa akuthole kozakwabo nomqeqeshi uHugo Broos kumsize ukuthi asheshe adlulise okwenzeka emdlalweni wokuqala ongahambanga kahle kwiNdebe yoMhlaba.

Lo mdlali ubhekane nokugxekwa ngemuva kokuhlulwa kweBafana ngo 1-0 yiMexico emdlalweni wokuvula. 

Iphutha lika-Siphephelo Sithole laholela egolini lokuqala le-Mexico, ngaphambi kokuthi aphinde akhishwe ngekhadi elibomvu esiwombeni sesibili.

“Angidlalanga kahle emdlalweni neMexico, kodwa ukwesekwa engikuthole kumqeqeshi nakubadlali bekukuhle kakhulu,” kusho uSithole.

Lo mdlali ubuya ngesikhathi esifanele njengoba iBafana izodinga wonke amandla ayo emdlalweni obalulekile wokugcina esigabeni samaqoqo.

Ukumiswa kukaTeboho Mokoena kusho ukuthi uSithole angase anikwe ithuba lokuqala enkabeni yenkundla.

UBroos uvumile ukuthi ukungabikho kukaMokoena kungumgodi omkhulu, kodwa unethemba kubo bonke abadlali bakhe.

“Kumele sikhulume iqiniso, silahlekelwe kakhulu ngoTeboho,” kusho uMadala. 

“Ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi uvamise ukulawula indlela esidlala ngayo. 

“Kodwa ngakolunye uhlangothi, silethe abadlali abangu-26 kule Ndebe yoMhlaba futhi ngiyabethemba bonke.”