
Itshe lisemi ngothi ngoNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs
Isinqumo sokuxosha uNasraddine Nabi ongumqeqeshi weKaizer Chiefs sase siphumile, kodwa wasindiswa ukunqoba iNedbank Cup okwashintsha ukucabanga kubaphathi.
Ngenxa yombandela othile kwinkontileka yakhe – othi kumele aqede endaweni yesithathu kuya phezulu kwilogi noma anqobe indebe – kwaba nzima ukuthi akhululwe.
Lezi zinda zipotshozelwe iLisenethini ngumthombo osondelene kakhulu nesinye sezikhulu zaleli qembu laseNaturena.
“Yena wayesehambile impela. Isinqumo sase siphumile, futhi yingakho namanje uma bebuzwa ngaye bengaphumi nempendulo eqondile,” kusho lo mthombo.
Uqhube wathi namanje uNasraddine Nabi usenengcindezi namnje kwiKaizer Chiefs futhi ukungabonakali komehluko njengoba kulungiselelwa isizini nje akumsizi.
Lo mthombo uthi yize iToyota Cup kuwumdlalo wobungani wokulungiselela isizini, ukuhlulwa kuwo akwehlanga kahle kubaphathi.
Uthi kubafake ingcindezi kubaxhasi kwazise ukuhlulwa kweChiefs kusho ukuthi ngeke kusakhulunywa kakhulu ngeToyota Cup.
IChiefs ihlulwe yi-Asante Kotoko ayaseGhana sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni obuhanjelwe yizinkunzi zabalandeli eMoses Mabhida Stadium.
“Ukuhlulwa kweqembu kuwudungile umoya ekubeni uvele uhlezi ngesinqe esisoswa uNabi,” kuqhuba umthombo.
“Kumanje akathengelwanga abadlali abebafuna ngoba kungenzeka angafiki nakuDisemba kule sizini ezayo uma imiphumela ingahambi ngendlela.
“Abaphathi benqena ukuthi bazosayina abadlali abathandwa nguye, bese uma bemdedela yena basale nabadlali abangazi bazobenzani ekugcineni…
“Ubekelwe imidlalo emihlanu yokuqala ukuze kubonakale ukuthi ubhekephi, uma kuke akwangacaca kuyo, ibhantshi lizogcwala umoya.”
IChiefs iqede isizini efile ilele kunombolo 10 kwiBetway Premiership ngaphansi kukaNasraddine Nabi obethathe izintambo kuCavin Johnson.
Izoqala imidlalo yeligi ngo-Agasti 3 neStellenbosch FC ekuhambeni okuwumdlalo ozoba yisivivinyo esinzima kakhulu kulelu qembu likaNabi.
Ime kanje imidlalo emihlanu yokuqala yeChiefs:
- v Stellenbosch e-Athlone Stadium eKapa
- vs Polokwane City – FNB Stadium
- vs Richards Bay – FNB Stadium
- vs Mamelodi Sundowns – Loftus Versfeld
- vs Golden Arrows – King Zwelithini Stadium
