
IChiefs isigcine isikhiphile isinqumo ngoCele
I-Kaizer Chiefs isimemezele ukuthi isivumelene no-Thabo Cele ngokunqamula inkontileka yakhe, kwathi zombili izinhlangothi zavumelana ngokuhlukana.
Lesi sinqumo siza ngesikhathi Amakhosi eqhubeka nokwenza izinguquko ezinkulu eqenjini lawo.
Iqembu lithi lesi sinqumo sithathwe ngemuva “kwezingxoxo ezakhayo” phakathi kwalo nomdlali, kwavunyelwana ngokuthi inkontileka inqanyulwe ngokuthula.
“IKaizer Chiefs iselinqamule inkontileka kaThabo Cele ngokuvumelana kwazo zombili izinhlangothi, kulandela izingxoxo ezakhayo phakathi kwazo zomabili,” kusho iChiefs esitatimendeni.
Ukuhlukana kukaCele neChiefs kusho ukuthi lo mdlali usengakwazi ukubheka ezinye izindlela futhi aqhubeke nomsebenzi wakhe webhola kwenye indawo.
Lesi sinyathelo siphinde sihambisane nezinhlelo zeChiefs zokwakha kabusha iqembu, njengoba Amakhosi ebheke ukuba neqembu eliqinile elizokwazi ukuncintisana kuzo zonke izindebe.
“Lesi sinqumo sizovumela uCele ukuthi aphishekele amathuba amasha,” kusho iChiefs.
Iqembu liphinde lamubonga lo mdlali ngokuzinikela kwakhe ngesikhathi eseNaturena, lamchaza ngelika-“Induna Yendawo”.
“Siyabonga ku-‘Induna Yendawo’ ngokuzinikela kwakhe ngesikhathi ekwiKaizer Chiefs futhi simfisela okuhle kakhulu emsebenzini wakhe webhola esikhathini esizayo,” kusho iqembu.
Ukuhamba kuka-Thabo Cele kungesinye isibonakaliso sokuthi i-Kiazer Chiefs izimisele kangakanani ukushintsha isimo seqembu kule sizini.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
