EzintshaOrlando Pirates

UMariko uveza okumenze azibe abemeshela, aqome iBucs

Ngemuva kwesizini encomekayo eqenjini lakhe lakudala iDjoliba FC, u-Abdoulaye Dine Mariko usedalule ukuthi kunenqwaba yamakilabhu abemfuna uthuli.

UMariko wagcina ekhethe ukuthuthela kwiPirates, wenqaba izicelo eziningi ezivela phesheya.

IPirates ikhombise amandla ayo emakethe kuleli windi lokudayiselana ngabadlali. 

Lo mdlali, oqokwe njengobevelele ngesizini edlule kwiligi enkulu yaseMali, ungomunye wezihlabani ezithengwe yiPirates. 

Manje, lo mdlali wasesiswini onekhono lokushaya amagoli useveze ukuthi amaBhakabhaka bekungewona wodwa amfunayo.

“Bekunamakilabhu amaningana angithintile emhlabeni wonke, njengase-Egypt, eMorocco, eTunisia, nase-Algeria. 

“Kodwa ngijoyine i-Orlando Pirates eNingizimu Afrika. Ingelinye lamakilabhu amakhulu ezwenikazi,” uMariko usho kanje kwabesizindalwazi i-Africa Foot.

“IPirates ikhombisa intshisekelo enkulu kimi, ngakho nganquma ukuyijoyina. 

“Okunye okungihehile wukuthi iligi edlala kuyo ingenye yaphethwe ngobungcweti obuphezulu futhi ingenye yaphezulu ezwenikazi.”

Kusukela efikile kwiPirates, uMariko usedlale imidlalo emihlanu kweyisishiyagalombili esidlalwe yileli qembu. 

Ukhombise ukuba ngumdlali ozogcina esezingeni eliphezulu uma esejwayele ibhola lakuleli.