EzintshaKaizer Chiefs

UNabi ‘akanalo uvalo’, ubona iKaizer Chiefs iza kahle

Lokhu ukuveze ngemuva komdlalo weToyota Cup la lihlulwe khona yi-Asante Kotoko ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium eThekwini. 

IKotoko ishaye iKaizer Chiefs ngo 3-2 sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele ungenagoli.

Amakhosi ahlulwe amathuba amaningi okushaya igoli kulo mdlalo emizuzwini engu-90.

Ithuba lawo elihle kunawo wonke liqhamuke sekusele imizuzu embalwa kuphele umdlalo ngesikhathi ibekelwa iphenathi ebingacacile nokho.

Kodwa ukaputeni omusha u-Inacio Miguel uvele washaya into ephume eceleni kwepali, umdlalo wagcina uphela zibambene. 

Ngemuva kwesiphithiphithi sokukhahlelwa kwamaphenathi, kube uMiguel ophinde waba neshwa iphenathi yakhe ivinjwa unozinti weKotoko uMohamed Camara. 

“Ngicabanga ukuthi bekuwumdlalo esifunde lukhulu kuwo,” kusho uNabi ngemuva komdlalo. 

“Sithole izimpendulo eziningi mayelana nalokhu ebesikwenza ekuziqeqesheni kwethu kokulungiselela isizini…

“Sithole nalokho okudingeka sikwenze ukuya phambili. Sisebenze kahle uma ubheka konke. 

“Sibe namathuba okunqoba umdlalo emizuzwini engu-90, nangesikhathi samaphenathi, kodwa sawageja. 

“Besifuna ukuwunqobela abalandeli bethu futhi siqedele usuku ngenjabulo. Kodwa ke akwenzekanga.”

IKaizer Chiefs yenze ngcono kakhulu ngoMgqibelo uma iqhathaniswa nokushaywa kwayo ngo 4-0 kwiToyota Cup yiqembu laseTanzania iYoung Africans ngonyaka odlule. 

Ngemuva kwemidlalo eyandulela isizini eNetherlands, kungenzeka ukuthi ikuthole kunzima ukudlala enkundleni yaseThekwini ebisesimweni esingesihle neze.

Phela eNetherlands beyidlala enkundleni enakekelwe kahle futhi esezingeni elifanele.

Yize inkundla beyingeyinhle, iKaizer Chiefs idlale kahle ikakhulukazi ngesiwombe sesibili, lapho bekufanele ngabe ilishayile okungenani elilodwa igoli. 

“Nginethemba elikhulu ukuthi sisendleleni efanele,” kwengeza uNabi.

Njengoba iToyota Cup isidlule, manje sekuzogxilwa emalungiselelweni okuqala kweBetway Premiership.

Umdlalo wokuqala weKaizer Chiefs uzoba yisivivinyo esikhulu njengoba izobhekana neStellenbosch eKapa ngo-Agasti 10. 

“Sesiwenzile umsebenzi wokulolonga umzimba. Manje sesisemavikini amabili okugcina okulungiselela isizini. 

“Siyazi lapho sibuthuntu khona. Kubaluleke kakhulu ukuthi silungise lapho, bese siqinisa nala esenza kahle khona. 

“Sizoqhubeka nokusebenza ukuze sithuthukise izinga futhi sibe bukhali kakhulu.” 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO