
UCardoso uveza umbono wakhe ngoVan Rooyen kwiDowns
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, useveze kabanzi ngesinqumo sokusayina u-Deano Van Rooyen, ojoyine iSundowns ngemuva kokuhlukana kwakhe ne-Orlando Pirates.
UCardoso uthe ukusayinwa kwalo mdlali kuhlobene kakhulu nesidingo sokuba nezinye izinketho endaweni yokudla kwesokudla emuva.
“Siyazi ukuthi uKhuliso Mudau akukho isikhathi eside ngenxa yokulimala, kanti noZuko Mdunyelwa uthintekile emdlalweni odlule.
“Ngakho-ke bekubalulekile ukuthi sithole omunye umdlali kuleyo ndawo.”
UCardoso uthe ukufika kukaVan Rooyen akumele kubukwe njengokungabethembi abadlali asebenabo, kodwa njengendlela yokuqinisekisa ukuthi iqembu linabadlali abanele ezikhundleni ezibalulekile.
“Sinethemba kubadlali esinabo, kodwa uma ubhekene nesizini ende futhi udlala imidlalo eminingi, udinga ukujula eqenjini.
“UDeano uzosinika lokho kujula futhi engeze nokuncintisana,” kuqhuba yena.
Lo mqeqeshi wasePortugal uphinde waveza ukuthi uVan Rooyen uletha isipiliyoni esidingekayo, njengoba esejwayele ukudlala ezingeni eliphezulu ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Ungumdlali onolwazi futhi uyazi ukuthi kusho ukuthini ukudlala ngaphansi kwengcindezi.
“Sikholwa ukuthi angakwazi ukusiza iqembu futhi azivumelanise nendlela esifuna ukudlala ngayo.”
UCardoso ugcizelele ukuthi ukufika kuka-Deano Van Rooyen kuzokwenza abadlali balwele izindawo zabo, okuyinto akholelwa ukuthi izosiza ukukhuphula izinga lokuncintisana ngaphakathi kweqembu.
“Uma unabadlali abaningi abalwela indawo eyodwa, lokho kuyinto enhle kumqeqeshi. Wonke umuntu kufanele asebenze kanzima ukuze athole indawo yakhe.”
- FUNDA NALA | Awaphesheya ayaqhubeka nokukhendla iPirates
UVan Rooyen manje ubhekene nenselelo yokuzitholela indawo eqenjini elinabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
