
BUKA: UQueiroz uvele wabhinqa kubanjwa iGhana ngophondo
Umqeqeshi we-Ghana, u-Carlos Queiroz, uncome i-England ngokuba nenhlanhla ngokuphunyuka kwayo nephuzu emdlalweni ophele zibambene ngo 0-0 kwiNdebe yoMhlaba ngoLwesibili ebusuku.
Abaningi basale bejabule ngendlela iBlack Stars edlale ngayo ibhekene nelinye lamaqembu athathwa njengezintandokazi.
Kodwa u-Carlos Queiroz ushiye inkundla ethukuthele ngenxa yesigameko aphikelela ngokuthi besifanele sinikeze i-Ghana iphenathi.
Lesi sigameko senzeke ngasekupheleni komdlalo ngesikhathi uPrince Kwabena Adu engena ebhokisini le-England engasagayelwe mphako.
Kubonakale sengathi ushaywe phansi ngumdlali wasemuva we-England, uEzri Konsa.
Nokho, unompempe akazange anikeze phenathi kanti neVAR ayizange ingenelele, okudumaze kakhulu abadlali nabaqeqeshi beGhana.
Izithombe eziphindwe kumabonakude zikhombise ukuthi uKonsa uthinte idolo lika-Adu ngaphandle kokuthinta ibhola.
“Anginaso isiqiniseko sokuthi iVAR isasebenza kwiNdebe yoMhlaba.
“Isekhona nje kodwa? Isasebenza nje ngempela?” kusho lo mqeqeshi ngokubhuqa.
Lo mqeqeshi onamava uthe iGhana bekufanele inikezwe iphenathi bese kuphuma nekhadi elibomvu.
“I-England ibe nenhlanhla enkulu. Bekuyiphenathi ecacile obekumele ihambisane nekhadi elibomvu.
“Kukhona yini obuke umdlalo ongavumelani nalokho?” kubuza uQueiroz.
Yize ezame ukukwenza ihlaya lokhu kukhalaza kwakhe, bekusobala ukuthi akajabule neze ngesinqumo esithathiwe.
“Ngiyaxolisa ngokubhinqa kwami, kodwa uma ngingakhuluma ngalokhu ngiyajeziswa. Ngakho ake sithi ngiyazintelela nje,” kwengeza yena.
Okwamanje i-Black Stars kuzomele yaneliswe iphuzu elilodwa, kodwa u-Carlos Queiroz ukholwa ukuthi iqembu lakhe libanjwe ngophondo.
- FUNDA NALA | UMokoena uhalelwa awaseSaudi Arabia
Ukube inqobile, iGhana beyizobe seyizibekisele indawo emzuliswaneni olandelayo ngokuba namaphuzu ayisithupha.
Kodwa manje sekuzomele ilwele ukungehlulwa emdlalweni wokugcina neCroatia ukuqinisekisa ukungena kweyomkhumulajezi.
Buka le vidiyo yalesi sigameko esicike lo mqeqeshi owake wacija iBafana ngezansi:
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
