
Uthole ukwesekwa okubalulekile umkhankaso kaZungu kweseSafa
Umkhankaso ka-Sandile Zungu wokuba ngumengameli weSouth African Football Association (SAFA) uthole umfutho omkhulu ngemuva kokuthi iSouth African Masters and Legends Football Association (SAMFLA) imemezele ukuthi iyameseka.
Le nhlangano imele abadlali asebethathe umhlalaphansi, omakadebona nezingwazi zebhola kulelo.
Ithe ibona uZungu njengomuntu ongahola ibhola laseNingizimu Afrika liye phambili.
Umengameli weSAMFLA, uJacob “Buddha” Mathathe, umemezele ukwesekwa kukaZungu ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eZodwa Khoza Foundation eDiepkloof, eSoweto.
UMathathe uthe bakholwa ukuthi uZungu angasiza ekuthuthukiseni ibhola laseNingizimu Afrika futhi wamdumisa ngokuphumelela kwakhe kwezamabhizinisi kanye nokuba ngumnikazi waMaZulu FC.
Uze wamqhathanisa noPatrice Motsepe, ethi uZungu usesigabeni esifanayo sokuphumelela kwezamabhizinisi futhi angasebenzisa amakhono akhe ukuguqula iSAFA.
“Sikholwa ukuthi ngoSandile njengomengameli weSAFA, ibhola lethu lizokhula lisuke emandleni liye kwamanye amandla,” kusho uMathathe.
Phakathi kwabanye abebekhona bekukhona owayengunozinti we-Orlando Pirates uPatson “Sparks” Banda nowayengumdlali weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uJan “Malombo” Lechaba.
UBanda naye uthe uZungu angakwazi ukubeka iSAFA endaweni efanele, wagcizelela ukuthi inhlangano idinga ubuholi obuzophendula ngemisebenzi yabo.
FUNDA NALA | OweHope FC uveza akubheke kuZwane ambolekwe yiChiefs
Ukhetho lukamengameli weSAFA luzoba seGoli ngo 12 Septhemba, okwenza ukwesekwa kuka-Sandile Zungu ngabomakadebona kube yinto ebalulekile njengoba umjaho ususondela esiphethweni.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
