
UCardoso usola abeSundowns ngokuhuqa ubuthongo
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, u-Miguel Cardoso, ugxeke abadlali bakhe ngemuva kokuhlulwa ngo 1-0 yiLamontville Golden Arrows kwiMTN8.
ISundowns ihlulwe emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu eLucas Moripe Stadium ngeSonto.
USede Junior Dion ushaye igoli elilodwa lalo mdlalo ngomzuzu ka-38.
Yize iSundowns iqale umdlalo kahle, uCardoso uthi iqembu lakhe lilahlekelwe wumfutho ngesikhathi i-Arrows ishintsha unozinti.
Uthi abadlali bakhe “bavele balala” ngaphambi kwekhefu.
“Siqale kahle emizuzwini engu-20 yokuqala. Kodwa ukushintshwa kukanozinti we-Arrows kusikhiphile kancane esigqini somdlalo,” kusho uCardoso.
U-Miguel Cardoso uthi iMamelodi Sundowns yabe isenza iphutha elifana nalelo elenze ibhekene neKaizer Chiefs.
“Silale imizuzu eyisikhombisa ngesikhathi kwenziwa ushintsho. Sabe sesilala ngokuphelele kwaze kwaba yisikhathu sekhefu,” kuqhuba yena.
UCardoso uthi iqembu kumele lifunde ukubhekana nezimo ezinjengalezi.
- FUNDA NALA | I-Arrows igile iDowns kwiMTN8
Uthi amaphutha alula angadala ukuthi iqembu elilawula umdlalo ligcine lihluliwe.
ISundowns isazoba nethuba lokulungisa izinto emlenzeni wesibili.
Lo mdlalo uzodlala ngeSonto, kanti i-Arrows izongena kuwo ihamba phambili ngo 1-0.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
