
Ucashe ngesithupha uKgatlana ecacisa eyokuhoxa kwiBanyana
UThembi Kgatlana, umgadli weBanyana Banyana, usegcine ephawulile ngokusala kwakhe eqenjni elikwiCaf Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) eqhubekayo eMorocco.
Ukuhoxa kwakhe eqenjini kwashaqisa abaningi ngenxa yokuthi ungomunye wabadlali abangumgogodla weqembu.
Ikhono lakhe lokushaya amagoli, amava anawo, nobuholi ngezinye zezinto ezimenza abe mqoka eqenjini.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala, odlala kwiTigres UANL Femenil yaseMexico, wavele waqoka ukusala eqenjini kanti isizathi esicacile salokho esivelanga.
Umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, wavele wathi kungenxa yezizathu zakhe futhi akazange achaze kabanzi ngazo.
Kodwa manje uThembi Kgatlana usechaze isizathu sokuhoxa kwakhe eqenjini ngaphambi kwalo mqhudelwano obaluleke kangaka.
“Bekunzima kimina ukubuka iBanyana Banyana iphuma kwiWafcon,” kusho uThembi Kgatlana esitatimendeni.
“Kodwa ngiyaziqhenya ngendlela izintokazi ezilwe ngayo nezidlale ngayo,” kwengeza uKgatlana. Leli qembu lika-Ellis likhishwe kowandulela owamanqamu ngemuva kokuhlulwa kanzima ngo 2-1 yiSuper Falcons yaseNigeria ngoLwesibili.
UThemnbi Kgatlana, owayeyingxenye yeqembu elawina iWafcon ngo-2022 ngaphambi kokulimala okwambeka eceleni, ugcizelele ukuzibophezela kwakhe eqenjini lesizwe.
“Ukungabi bikho kwami kulo mqhudelwano sekudale ukuqagela, kodwa ngifuna ukukucacisa lokhu.
“Ngithathe ikhefu ebelihlelwe ngaphambilini lokungazibandakanyi nebhola ngezizathu zami.
“Ngiyakuthanda ukumela izwe lami futhi ngizophinde ngikwenze lokho esikhathini esizayo,” kuchaza yena.
Uphinde waqinisekisa abalandeli beqembu lakhe laseMexico ukuthi akalahlekile.
“Kubalandeli beTigres abakhathazekile ngokuthi angikabuyeli eMexico, ngizonibona nonke maduze nje.
“Futhi ngizoqhubeka nokuzinikle aukulwela isithunzi sejezi leqembu,” kusho yena.
“Akukho okumele nikhathazeke ngakho futhi ayikho akukho okungale kwalokhu.”
Lesi sitatimende sakhe siyicacisile indaba yakhe, kodwa njengoba engazibekanga izizathu zokuthatha ikhefu abaningi abayizwa kahle.
Kumahlebezi avelile wukuthi akezwani nabathile eqenjini leBanyana okumenze wanquma ukuphuma kulo.
Kodwa sekuzocaca emidlalweni ezayo ukuthi uzobuyela yini kulo noma uzophinde acashe ngesithupha.
