
I-Arrows igile iSundowns, yathatha igxathu elikhulu kwiMTN8
USede Junior Dion ushaye igoli elenze iLamontville Golden Arrows yathola ukunqoba okukhulu ibhekene neMamelodi Sundowns emlenzeni wokuqala womdlalo owandulela owamanqamu kwiMTN8.
Lo mdlalo ubuseLucas Moripe Stadium e-Atteridgeville ngeSonto ntambama kanti unqotshwe Abafana Bes’thende ngo 1-0.
UDion uthole igoli elibalulekile ngomzuzu ka-38, wanika i-Arrows ithuba lokuhamba phambili ngaphambi kwekhefu.
Igoli lakhe lifike ngesikhathi iSundowns izama ukuthola indlela yogqobhoz udonga lwasemuva lweqembu laseThekwini.
Abafana Bes’thende babe nesigamu sokuqala esihle ngaphansi komqeqeshi uPitso Dladla.
Iqembu libonakale lihlelekile futhi lizinikele ekunqandeni ukuhlasela kweSundowns.
ISundowns yona ibiphethe ibhola isikhathi esiningi, kodwa ibihluleka ukuthola igoli lokulinganisa.
Ngaphambi kwekhefu, uBennett Mokoena ucishe walithola igoli ngesikhathi ededela ishodi elinamandla ngaphandle kwebhokisi.
Nokho, uMbanjwa ulivimbile leli bhola, elichilizela eceleni kwepali kwaba yikhona.
Ngemuva kwekhefu, iMamelodi Sundowns ibuye ngamandla ifuna ukubuyela emdlalweni.
Kodwa i-Golden Arrows iqhubekile nokuzivikela ngendlela ehlelekile.
Iqembu laseThekwini ligcine lilibambe kwaaze kwakhala impempe yokugcina, ladlula kanjalo ngo-1-0.
- FUNDA NALA | UNdlovu nesicelo kwabeChiefs
Lo mphumela unika i-Arrows ukuzethemba okubalulekile ngaphambi komlenze wesibili ozodlalwa eKing Goodwill Zwelithini Stadium eThekwini.
I-Golden Arrows manje isiseduze kakhulu nokufinyelela kowamanqamu, kodwa iMamelodi Sundowns isazoba nethuba lokuphendula emlenzeni wesibili.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
