
Ingabe uMakhaula ubefanelwe elibomvu? uHlungwani uyacacisa
Abanye babalandeli basale bekholwa ukuthi umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMakhehleni Makhaula ube nenhlanhla engakhishwa ngekhadi elibomvu.
Lokhu bekulandela isigameko esenzeke esiwombeni sokuqala somdlalo wamanqamu weCarling Knockout ngempelasonto edlule.
UMakhehleni Makhaula ukhahlelane kabuhlungu nomdlali weMarumo Gallants u-Ibrahim Bancé okuholele ekutheni athole ikhadi eliphuzi.
Kodwa abanye babalandeli – ikakhulukazi labo abebeminyele ukuhlulwa kwePirates kulo mdlalo – babone kufanele ngabe kube yikhadi elibomvu.
Lokhu kungenxa yokuthi unyawo lwakhe lushaye uBancé kabuhlungu esifubeni.
Owayengunompempe wePSL kodwa manje osengumhlaziyi kumabonakude, uVictor Hlungwani usecacisile, wancoma unompempe u-Akhona Makalima.
“Ake ngiqale ngihalalisele intokazi u-Akhona Makhalima ngokuphatha umdlalo wamanqamu ngobuchule. Wenze umsebenzi omuhle,” kusho uHlungwani kwiSoccerZone.
“Lapha sibona uMakhaula ezama ukumaka… Kufanele sihlukanise phakathi kobudedengu nokusebenzisa udlame.
“Uye ngamandla amakhulu. Ake sikubheke kahle (ekhombisa kumabonakude lesi sigameko).
“Lapha sibona bobabili uMakhaula noBancé belule imilenze eqondile futhi ephakeme kakhulu.
“Kodwa umlenze oqondile noma uyagoba. Ibone lapho, umlenze uyagoba… Uma umlenze ugoba kanjalo, akusekhona ukusebenzisa udlame.
“Ngakho asikho isidingo sokukhipha ikhadi elibomvu, lokhu kunciphisa icala libe wukufaka unyawo budedengu futhi ikhadi eliphuzi liyisigwebo esifanele.
“Uma egoba umlenze, kufana nokuthi uthi, ‘Angifuni ukumkhahlela, kodwa uyena oza kimi’.
“Ngakho ikhadi eliphuzi belanele ukumxwayisa ngobudedengu,” kwengeza uHlungwani.
UMakhehleni Makhaula usheshwe wakhishwa esiwombeni sesibili nengoba iPirates beyisisabela ukuthi agase athole ikhadi lesibili bese eyilimaza.
FUNDA NALA | UManyisa akamboni uMbule ehlala kwiPirates
Umdlalo ugcine unqotshwa yiyo iPirates ngo 1-0 wegoli elingene esikhathini esengeziwe, yayingoba kanjalo indebe yesibili kule sizini.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
