EzintshaKaizer Chiefs

UMngqithi ‘uyashiya’ kwi-Arrows, umkhondo ukhomba iChiefs

Amehlo asevele ashesha abheka kwi-Kaizer Chiefs kulandela ukuvela kokuthi u-Manqoba Mngqithi uyashiya kwiGolden Arrows. 

Ngokombiko weSoccerBeat i-Arrows isiyazi ukuthi uMngqithi akabuyi ngesizini ezayo.

Yikho lokhu osekudale ukuthi amehlo ajikele kwiChiefs njengoba icinga umqeqeshi omusha.

Kuvela ukuthi i-Arrows seyiqalile ukufuna ozovala isikhala sikaMngqithi kanti kuthiwa ixoxisana no-Adnan Beganovic obekwiTS Galaxy. 

Ngokwalombiko izingxoxo noBeganovic zithuthuka ngokushesha, kanti lo mqeqeshi osezingeni kuthiwa uzimisele kakhulu ngokuthatha lo msebenzi.

Lezi zinguquko ze-Arrows zenzeka ngesikhathi esishubile ebholeni laseNingizimu Afrika. 

IKaizer Chiefs ikuqinisekisile ngokusemthethweni ukushiya kwabebeyicija kule sizini, uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef. 

Njengoba lesi sihlalo esishisayo eNaturena singenamuntu, igama likaMngqithi selikhuphuke ngokushesha lafinyelela phezulu ohlwini lwezifiso zaMakhosi. 

Kuvele sekunesikhathi u-Manqoba Mngqithi emataniswa ne-Kaizer Chiefs kodwa kugcine kungenzekanga.

Kuthiwa abaphathi, ikakhulukazi usihlalo uKaizer Motaung, ukholwa ukuthi uMngqithi nguye ongabuyisela iChiefs ebholeni eyayaziwa ngalo.

Manje njengoba i-Arrows ilungiselela ukuqala inkathi kaBeganovic, wonke amehlo manje azophendukela eNaturena.

Abalandeli balinde ngabomvu ukubona ukuthi i-Kaizer Chiefs izomthatha yini u-Manqoba Mngqithi ukuze ukuhola leli qembu ngesizini ezayo.