
Sekusele ‘amathizethize’ iDurban City ivumelane nomqeqeshi
I-Durban City isondele ekuqokeni umqeqeshi onamava ngaphambi kwesizini ezayo.
Leli qembu laKwaZulu-Natal libe nesizini enhle, lanqoba iNedbank Cup, laphinde laqeda kwiTop 8.
Belingaphansi komqeqeshi wesikhashana uPitso Dladla okuveze kaningana ukuthi akekho nkamunkamu ngokuwubamba unomphela okwamanje.
UDladla, kanye namaphini u-Ashraf Hendricks noRowan Fernandez, bangene ngemuva kokuhamba kukaSinethemba Badela.
Kodwa, naphezu kwempumelelo yendebe nokufaka iqembu kwiCaf Confederation Cup, kungase kube nenkinga.
UDladla uneziqu zeCaf B Licence okuyinto engase ibe yisikhubekiso.
Imiqhudelwano yezwekazi idinga umqeqeshi oneCaf A License ebhentshini.
Manje, i-Durban City ibonakala isilungele ukuphendukela ku-Eric Tinkler — umqeqeshi onamava kwiPSL nezwekazi.
Ngokwemibiko izingxoxo phakathi kwaleli qembu nalo mqeqeshi zisezingeni eliphezulu.
Kukholakala ukuthi sekusele amathizethize kuphela ngaphambi kokuthi kuvunyelwane.
UTinkler uke wasebenza nomnikazi we-Durban City uFarouk Kadodia phambilini.
Wake waba ngumqeqeshi uKadodia esaphethe iMaritzburg United.
Uma kuvunyelwana, uTinkler uzojutshwa ukuhola i-Durban City kwesinye sezahluko ezinkulu emlandweni wayo njengoba iyodlala ezwenikazi okokuqala.
