EzintshaKaizer Chiefs

Izicathulo ezinezimbobo ezabeka uMdu Shabalala kwiChiefs

Manje njengoba esekwisizini yakhe yesithathu egcwele kwiKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala usedlale imidlalo engu-77 eqenjini elikhulu.

Futhi ube yingxenye yesizukulwane esikwazile ukuqeda indlala yeminyakanyaka yezindebe ebisiyihlazo elibi kwiKaizer Chiefs.

Usize leli qembu ukunqoba indebe yeNedbank Cup muva nje, okuqede ihlazo leminyaka eyishumi.

Futhi manje usephenduke omunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli baleli qembu elizinze eNaturena.

Kodwa kudala ngaphambi kokuba angene ebholeni elikhokhelayo, wayengumfana omncane ozifanela nabanye.

Wayethanda ukudlala ibhola emigwaqweni yaselokishini. Lokhu kwakumqhatha nonina, hhayi ngoba wayengafuni adlale ibhola.

Unina ukhulume ngendlela okwakudingeka akhiphe imali eyengeziwe njalo ukuze amthengele izcathulo ezintsha.

Uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lweCarling Black Label, iChampion Moms, ekhumbula izinsuku zakudala uShabalala esafunda isikole samabanga aphansi.

“Sasimthengela izicathulo ezinthsa njalo nje,” kusho umama kaMduduzi Shabalala kulolu hlelo.

“Ezakhe zazihlale zinezimbobo nje ongazazi zivelaphi. 

Kulapho ke okwavela khona futhi wabe esazi ukuthi noma ngabe indodana yakhe ikuphi, idlala ibhola.

 “Kulapho kwaqala khona konke – kulapho esabona khona ukuthi uyalithanda ibhola,” kwengeza unina.

Uhambo lukaShabalala lokudlula esikoleni samabanga aphansi lwaphawulwa ukuzimisela, ithalente, nokwesekwa ngumndeni.

Nakuba impilo yakhe esemncane yayingenabo ubuntofontofo bezingane ezizalwa emindenini eme kahle kwezemali, yayicebile ngamaphupho amakhulu.

Lokho kuzidela nokuzinikela yikho okumvulele indlela yale mpumelelo asekuyo manje.

UMduduzi Shabalala usaqhubeka nokukhula futhi ungomunye wabadlali abasebancane beKaizer Chiefs okubhekw elukhulu kubo.