EzintshaOrlando Pirates

Kuvela owe-Orlando Pirates ofunwa uRiveiro e-Egypt

Futhi manje umdlali wokuqala asezwakalise isifiso sokuthi aqale ngaye ukumsayina eqenjini lakhe elisha usedalulile. 

Ngokwemibiko evela e-Egypt, uJose Riveiro, ufuna isihlabani se-Orlando Pirates sibe ngowokuqala ukusayinwa kuleli qembu ngahansi kwakhe.

UJose Riveiro ushiye ngokusemthethweni i-Orlando Pirates ngesonto eledlule, kwavela ukuthi usezojoyina lezi ziqhwaga zase-Egypt. 

Lo mqeqeshi waseSpain kulindeleke ukuthi athathe izintambo ngokusemthethweni kumaRed Devils uma kuphela isizini.

Leli qembu libambezele ukumenyezelwa kukaRiveiro ngoba lihlonipha umqeqeshi wesikhashana u-Emad El-Nahhas ophethe kuze kuphele isizini.

Ngokombiko ye-Ahly News, uMbekezeli Mbokazi uphezulu ohlwini lwamagama abadlali abafuwa uRiveiro njengoba i-Al Ahly ifunaukuqinisa emuva.

I-Ahly News ithi umthombo weqembu uthe uMbokazi ngowokuqala uRiveiro aveze ukuthi engathanda ukuba naye ngesizini ezayo. 

URiveiro kuthiwa uyalithanda ikhono likaMbokazi, futhi unomuzwa wokuthi angaba ngumdlali oqavile kwi-Al Ahly. 

Umbiko wengeza ngokuthi leli qembu linentshisekelo yokusayinisa uMbokazi ngenxa yeminyaka yakhe.

Njengoba uMbokazi eneminyaka engu-19 nje ubudala engabhaliswa njengomdlali osemncane.

Lokhu kusho ukuthi ukusayinwa kwakhe ngeke kube nomthelela esilinganisweni sabadlali bangaphandle abazosayinwa yi-Al Ahly.

UMbokazi ungene eqenjini lokuqala leBucs kule sizini, kanti usedlale imidlalo engu-16, wavalela phakathi igoli elilodwa. 

Ungomunye wabadlali abancane abanikwe ithuba eqenjini elikhulu ngaphansi kukaRiveiro. 

Kusangenzeka ke kuvele nabanye lo mqeqeshi azozama ukubathola, hhayi kwiPirates kuphela, kodwa nakwamanye amaqembu.