
U-Ouaddou ukhiphe isixwayiso esiqinile kuPadime noMasilela
Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usexwayise izihlabani ezisencane u-Mpho Padime noSimphiwe Masilela ngezingozi ezingaphazamisa ukukhula kwabo.
Laba badlali bazakhela igama ngokushesha eqenjini elikhulu kule sizini.
UPadime udlale umdlalo wakhe wokuqala ngoMgqibelo ngesikhathi iPirates ishaya iSekhukhune United ngo 3-0 kwiMTN8.
Ungene esuka ebhentshini, wachwazisa izihlwele ngendlela abelibamba ngayo ibhola.
UMasilela yena usedlale imidlalo emine, kanti emibili kuyo uyiqalile.
U-Ouaddou uthi bobabili banekhono, kodwa kumele bahlale bezithobile futhi besebenza kanzima.
“Sicabanga ukuthi singafaka noMasilela kule ngxoxo. Siyabancoma bobabili. IPirates yiklabhu enikeza intsha amathuba,” kusho u-Ouaddou.
“Kumele baqhubeke nokusebenza, bahlale bezithobile, balalele futhi bafundiseke. Kusese yimidlalo yokuqala.”
U-Abdeslam Ouaddou uphinde waxwayisa o-Mpho Padime noSimphiwe Masilela ukuthi bagxile ebholeni, bakhohlwe ezinye izinto ezingabathikameza.
“Kufanele babe yizingcweti zoqobo. Kumele behlezi becabanga ngebhola, bazicije, bese beya ekhaya bayophumula.
“Kumele badle kahle, baphuze phuze amanzi kuphela hhayi okunye.
“Bengabhemi futhi bengasebenzisi izinto ezingalimaza imizimba yabo.
“Kumele bacabange ngomsebenzi wabo. Umlayezo wami uthi: sebenza, sebenza, sebenza.”
- FUNDA NALA | IPirates isisayine isihlabani esisesincane
Njengoba isizini isaqala, kubhekwe ukuthi laba bafana baqhubeke nokuzakhela igama, balandele ezinyathelweni oRele Mofokeng noMohau Nkota.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
