
IPirates isisayine osemncane okubatshazwa ikhono lakhe
I-Orlando Pirates sekuqinisekisiwe ukuthi isisayine umdlali osemncane futhi osenconywe kakhulu ngokuba nethalente elikhethekile u-Edmilson Chaney.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala usejoyine amaBhakhaniya esuka kwiHope FC, lapho ezakhele khona igama kwi-ABC Motsepe League ngesizini edlule.
UChaney uphinde wagqama emidlalweni yokuhlungela ukukhushulelwa esigabeni seMotsepe Foundation Championship ebibanjelwe e-Eastern Cape.
Ukudlala kwakhe kahle kuvuse intshisekelo emaqenjini amaningi eBetway Premiership naweChampionship.
Kodwa iPirates yiyo egcine iwunqobile umjaho wokusayina le ntwana okuthiwa inekhono elingandile.
IHope FC iqinisekise ngokusemthethweni ukushiya kwakhe ngesitatimende esikhiphe ngoMsombuluko.
“U-Edmilson ‘Millies’ Chaney useshiyile kwiHope FC ngemuva kokuqedela ukudlulela kwi-Orlando Pirates,” kusho iHope.
“Le nsizwa idlale indima ebalulekile ekukhuphukeni kwethu.
“Futhi uhambo lwayo lumele lokho esifuna iHope FC ikumele — ukwakha amathuba nezindlela zethalente elisencane ukuze lifinyelele ezingeni eliphezulu.”
IHope iphinde yathumela umyalezo wokumfisela inhlanhla lo mdlali njengoba eqala uhambo olusha.
“KuMillies nomndeni wakhe, sibafisela impumelelo kuphela kulesi sahluko esisha,” kwengeza leli qembu.
- FUNDA NALA | Kuyambhedela uKaze kwiSekhukhune
Imibiko yaphambilini beyike yaveza ukuthi i-Orlando Pirates iphinde yambolekisa kuleli qembu lo mdlali.
Kodwa iHope FC ayizange ikuveze lokho esitatimendeni sayo okukhomba ukuthi lo mdlali uzojoyina eziMnyama.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
